08 | Izindaba
Friday, 22 August 2025
Ukubekezela kumzalele impumelelo
emculweni we-gospel u-Andiswa
Thandi zondi
UNESIFISO sokucula noJumbo noDumi Mkokstad, umculi we-gospel waseMzimkhulu, ozigqaja ngokuba yintombi yasemakhaya esiphumelele kule ndima.
U-Andiswa Ndlangisa uthi ziningi izingqinamba ahlangabezane nazo ngaphambi kokuba aphumelele njengoba engumuntu wasemakhaya.
"Uthando lomculo nethalente lugqame ngisemncane, ngaze ngajoyina neqembu lomculo wokholo. Ngo-2011, yilapho izinto zavuleka khona, ngakwazi ukuqopha i-album yami. Nokho izinto kazizange zihambe ngendlela engangifisa ngayo. Kwaba nezingqinamba engikholwa wukuthi ezinye zazo zadalwa wukuthi ngangihlala emakhaya, endaweni eqhelile nedolobha, nolwazi oluningi ngingenalo," esho.
Ubuya nge-albhamu entsha
Uthi nakuba kunjalo, akazange alilahle ithemba njengoba esephinde wakhuza ibuya emculweni nge-album entsha, esihloko sithi, Umkhuleko, enezingoma eziwu-8, ayikhiphe ngenyanga edlule.
"Le album ikhuluma ngomkhuleko lapho nginxusa khona uJehova ukuthi ezwe umkhuleko wami nowamaKrestu wonke jikelele. Sibhekene nezinto eziningi, izingane nabesifazane bayahlu-kunyezwa. Ngikhulekela abadlwenguli ukuthi kubuye unembeza, nabantu bathole imisebenzi.
"Nginxusa uJehova ukuthi azibonakalise. Ngiyakholelwa kakhulu emculweni we-gospel ukuthi uyayishintsha impilo yomuntu," echaza u-Andiswa.
Uthathe ikhefu izinto sezingahambi kahle
Uthi ngemuva kokungahambi kahle kwezinto, uqoke ukuthatha ikhefu emculweni, kepha uthando lwawo belulokhu lukhona.
"Ukubuya kwami akusefani nakuqala. Ngibuya sengifumbethe nolwazi oluthe thuthu kwezo-mculo, nendlela okwenziwa ngayo. Ngibuya nomdlandla wokuzoshumayela izwi leNkosi ngomculo," esho.
U-Andiswa uthi njengoba izinto sezikhanya, eseyibona inqubekela phambili, ufisa ukusebenza noJumbo noDumi ngelinye ilanga.
"Njengoba sengiqashwa kweminye imicimbi, ngifisa ukuzibona ngivelela, ngibe nabantu engizobaphilisa ngomculo wami. Abefundisi badlala indima yokuphilisa ngezwi, mina bese ngikhuthaza ngomculo ukuthi abantu bangala-hlekelwa yithemba.
"Nginenkolelo yokuthi uma ungumculi we-gospel, kumele isiqu sakho siphilise, kungabi wumyalezo kuphela, ngisho abangezwa baphile," esho.
Echazela ILANGA Lempelasonto ngokuqopha le album, uthi wambuleleka kuyo.
"Ingoma ngayinye inesisindo ngoba bekunge-sikho ukubhala nje okwejwayelekile, bengixhu-mana noNkulunkulu ngendlela engingeke ngakwazi nokuyichaza, kodwa koyilalele, uzozizwela - uzothola ukuphila nethemba," kuchaza u-Andiswa.
Le ntokazi isebenze nabadidiyeli asebezakhele igama emculweni we-gospel, kubalwa uLindani Gumede, uSenzo Mbatha nabanye.
Weluleka abanamathalente kepha abahlala ezindaweni zasemakhaya ukuthi bangabi novalo lokulandela amaphupho ngisho ngabe lokho kusho ukuthi kumele baye emadolobheni. tzondi@ilanganews.co.za