05 | Izindaba

Friday, 22 August 2025

Lesi sitshudeni besenza unyaka wesithathu...

Sitholwe silenga eduze kwenyuvesi isitshudeni ebesinyamalele 


 Kwenzeka lokhu nje, kunesinye isitshudeni esiziphonse phansi ebhilidini laseDUT...
Image

Yisitshudeni saseDurban University of Technology (DUT), uManqoba Mnyandu.

Mthobisi Sithole

SITHOLWE silenga, sesishonile ehlathini eliseduze nendawo ehlala izitshudeni zaseDurban University of Technology (DUT), isitshudeni sakule nyuvesi, uManqoba Mnyandu (20).

Lesi sitshudeni esidabuka eDumbe, kuthiwa sitholwe ngoLwesine ekuseni sikhungekile okungaziwa ukuthi sizikhungile, noma sikhungiwe.

Kubikwa ukuthi uMnyandu unyamalale ngoLwesithathu olwedlule ebusuku.
Ngokwemithombo, bathi uvuke ebusuku endlini yakhe wahamba, washiya umakhalekhukhwini wangachaza ukuthi uyaphi.

UNkz Nompumelelo Nxumalo ongudadewabo walesi sitshudeni, uthi ngokusho kwesitshudeni ebesihlala noMnyandu endlini, sithe siqale ukuqaphela uma kuhamba isikhathi engabuyi endlini, sabe sesibika esikoleni.

Image

Lo mfundi ubehlala ebhilidini lenyuvesi e-Aloe. Ubenza unyaka wesithathu kwiziqu zobuhlengi (male nurse).

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuphenywa kwecala lesigameko sokutholakala kowesilisa obelenga eduzane kwendawo ahlala kuyona eMgungundlovu.

Uthi kusaphenywa kabanzi ngokwenzekile, okuholele esigamekweni.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi uphenyo lwenziwa esiteshini e-Alexandra, eMgungundlovu.

Okhulumela iDurban University of Technology (DUT) uMnu Alan Khan, uthe kwenzeka lokhu nje, ngoLwesibili kwenzeke esinye isigameko esishaqise abaningi kuyona le nyuvesi ophikweni oluseSteve Biko, eThekwini, omunye wabafundi uSphiwokuhle Madela eziphonse ebhilidini lenyuvesi eLevel-6, washona.

Lesi sitshudeni senze lokhu phambi kwezinye zibuka. Kuthiwa bezizitshela ukuthi uyadlala ngesikhathi engakaziphonsi, esaphezulu.

Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, kusolwe izinkinga zoxhaso lwemali iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), njengoba izitshudeni eziningi zikhala ngokuthi ibachithile, ayiyikhokhile imali.
 
Isikhwana sakwaNSFAS sikhiphe isitatimende siziqhelelanisa nalezi zinsolo. Ngokwesitatimende, sithi lesi sitshudeni  besikhokhelwe zonke izindleko zokufunda kwaso kulo nyaka.

Siveze nokuthi imali yokugcina yezindleko zokufundiswa kwaso ngalolu xhaso, ikhokhwe mhla ka-4 kule nyanga okuhlanganisa imali yezifundo neyokuhlala.

Leli phephandaba lithole ukuthi lesi sitshudeni  besinezinkinga zaso ezingahlangene nesikole. Kuthiwa ngaphambi kokuba sizibulale, sibatshelile esisondelene nabo ngosuku olwandulela olwesigameko, ukuthi sizozibulala.

Ukuxoxa kwaso le ndaba kwezinye izitshudeni ezisondelene naso, kuvezwe uMengameli wezitshudeni zakulesi sikhungo, uMnu Solomuzi Zoleka, weStudent Representative Council (SRC).
mthobisis@ilanganews.co.za