16 | Ezemidlalo
Friday, 21 Nove,mber 2025
NGUNKOSINGIPHILE Ngcobo noMduduzi Shabalala beChiefs, bebukelwa nguzakwabo uBradley Cross, bexina uJonathan Kinkela weKabuscorp yase-Angola.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UVEZA ubumqoka bokugwema ukungangenelwa ngamagoli ekuhambeni umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, okholwa wukuthi uma benze njalo bazohamba ibanga elide emqhudelwaneni weCaf.
IChiefs izobhekana ne-Al Masry yase-Egypt kowokuvula u-group D weCaf Confederation Cup ngeSonto ngo-18h00 kulo leliya lizwe.
UNkosingiphile "Mshini" Ngcobo odlala esiswini kwiChiefs, uthi njengoba bevula lesi sigaba ngomdlalo osekuhambeni, kumqoka ukuqinisekisa ukuthi kabawavuzisi amagoli.
"Sijabule ngokuthi sisesigabeni samaqoqo, futhi sikulangazelele ukunqoba imidlalo ngoba sifuna ukuhamba ibanga elide.
"Abaqeqeshi bake basitshela ukuthi lo mdlalo uzosiphendlela indlela ebheke phambili yize kungeke kube lula, kodwa uzosihlahlela indlela esifuna ukuhamba ngayo.
"Kodwa-ke ukuze senze kahle kulesi sigaba samaqoqo, into emqoka wukuqinisekisa ukuthi kasiwavuzisi amagoli ekuhambeni bese senza isiqiniseko sokuthi ithuba elincane lokushaya igoli esilitholayo, siyalisebenzisa.
"Kumele simake kahle emuva ukuze uma sesiza ekhaya sizofuqa singenangcindezi engako," kusho uNgcobo.
NGUMFUNDO Vilakazi (kwesobunxele) noMduduzi Shabalala abangabadlali abasebancane beChiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Ebuzwa ukuthi ngabe yiluphi ulwazi aludlulisela kubadlali beChiefs abasebancane njengoba ubeyingxenye yeqembu layo elifinyelele kowamanqamu weCaf Champions League ngo-2021, uthe: "Ngiyabajabulela kakhulu ukuthi bazothola isipiliyoni sokudlala kulesi sigaba.
"Engibatshele khona wukuthi yisipiliyoni esiyohlala sisezinhliziyweni zabo. Okufanele bakwenze, wukusebenza ngokuzikhandla," kusho uNgcobo.