07 | Izindaba

Friday, 21 November 2025

Image

NGUSIPHOKAZI, ongomunye wabaculi abazonandisa kwiDurban Jazz Festival.

Ufudukela eMgababa oweDurban Jazz Festival

"Njengoba sigubha iminyaka ewu-21, kusho ukuthi siqala isizukulwane esisha sabathandi bomculo".

Lucky Cain

UFUDUKELA endaweni entsha, futhi uza nokwehlukile kulo nyaka umcimbi waminyaka yonke weDurban Jazz Festival. Uzokwenzeka eMgababa Coastal Resort, ngomhla ka-26 kuDecember nonyaka.

Lo mcimbi kule minyaka emibili eyedlule, ubusuwenzeka eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), kulandela ukususwa edanyini iHazelmere Dam, esiyisimumathi samanzi.

Image

UMnu Mdu Ngcobo (osesithombeni esingenhla),  ongumhleli walo mcimbi, uthe ngemuva kokubona ukuthi abantu kabanayo intshisekelo uma lo mcimbi wenzeka endaweni evalekile, bathathe isinqumo sokuwubuyisela ngaphandle, njengoba le ndawo yalo nyaka ivulekile, futhi izokwazi ukumumatha abantu ababalindele.

"Siyavuma ukuthi ayinkulu njengeHazelmere, kodwa sinesiqiniseko sokuthi abantu bazoyithakasela njengoba inezindawo zokulala, futhi nezindawo zokubhukuda kanjalo nama-quad bike, okuyizinto abantu abazozithokozela ngale ndawo," kusho uNgcobo.

Unxuse abantu ukuba basheshe bawathenge amathikithi, ukugwema ukudumala ngosuku lomcimbi.

Uthe bahlela ukuthi bakuvule ngesonto elizayo ukuthengiswa kwamathikithi njengoba bezophinde bamemezele nohlu lwabaculi abashiyelana inkundla kuwona.

Uthe unesiqiniseko sokuthi abantu bazoluthokozela uhlu lwabaculi abazogadla ngalo emcimbini walo nyaka, njengoba bezoxuba izinhlobo zomculo ezizothakaselwa ngabadala, nabancane.

"Okusha kulo nyaka wukuthi sizobe siqala ukuba nomculi kamaskandi ohlwini lwabaculi esizoba nalo," kusho uNgcobo.

Uveze igama lomculi osematheni kulezi zinsuku, uMafikizolo, onengoma eshisa izikhotha esihloko sithi, Uzoncengwa Unyoko.

Image

Abanye abaculi osekuqinisekisiwe ukuthi bazojabulisa abantu kulo mcimbi, nguZamajobe (osesithombeni esingenhla), uSiphokazi, uNaima Kay nabanye abasazomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

UNgcobo uthe njengoba beqala eminye iminyaka ewu-20, kumqoka ukuba baqhamuke nezinguquko ezizohambisana nesikhathi.

"Kulo nyaka sigubha iminyaka ewu-21, okusho ukuthi sesiqala isizukulwane esisha sabathandi bomculo. Ngakho kumqoka ukuthi siqale ngendlela ezohambisana naso lesi sizukulwane." ephetha.