16 | Ezemidlalo

Friday, 21 August 2026

Amanqampunqampu


OwePirates ubalisa ngokudlaliswa oweMTN8 'ekopini'


Image

Senzo Sokhela

UBALISA ngenkundla abazodlalela kuyona u-Abdeslam Ouaddou (osesithombeni), ongumqeqeshi we-Orlando Pirates esempini yokuvikela isicoco seMTN8 esisiphathe iminyaka emine ilandelana.

IBucs izodudulana neSekhukhune United emlenzeni wokuqala weSemi final yeMTN8 ngoMgqibelo ngo-15h00 e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.

U-Ouaddou uthi akaqondi ukuthi kungani kudlalwa kule nkundla encane ekubeni ikhona enkulu, iNew Peter Mokaba Stadium ewumakhelwane.

"Kuyinjabulo kithina ukudlala lo mqhudelwano, ikakhulukazi uma ubuka indlela ohleleke ngayo.

"Sonke siwulangazelele lo mqhudelwano ngoba ngowokuvula isizini. Lo mdlalo ngeke ube lula ngoba sidlala nabantu abanzima, futhi sidlala nabo ekuhambeni.

"Okungikhathazayo wukuthi sidlala nabo enkundleni encane ekubeni ikhona enkulu ewumakhelwane. Kodwa-ke kayikho into esingayenza, thina nje kufanele silwele ukuwunqoba lo mdlalo ngoba inhloso yethu wukuvikela isicoco sethu.

"Into eyinkinga nje wukuthi sizodlala nabo futhi koweligi phakathi nesonto, okusho ukuthi kufanele sizibheke njengoba sekucacile ukuthi sizodlala nabo kathathu kulandelana uma sengibala nomlenze wesibili weMTN8," esho.


IBucs ifaniswa nentaba okunzima ukuyiqwala


Image

Senzo Sokhela

UYIFANISA nentaba okunzima ukuyenyuka i-Orlando Pirates abazobhekana nayo koweMTN8 umqeqeshi weSekhukhune United, uCedric Kaze (osesithombeni).

ISekhukhune izogadulisana nePirates emlenzeni wokuqala weSemi final yeMTN8 ngoMgqibelo ngo-15h00 e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.

UKaze uthi umdlalo wabo neBucs unzima ngendlela engachazeki. Uthi okuwenza ube nzima nakakhulu, wukuthi bazodlala nayo kathathu kulandelana njengoba bezophinde babhekane nayo koweBetway Premiership ngoLwesibili ngo-19h30 e-Orlando Amstel Arena, eSoweto.

"Yisonto elikhulu leli kithina njengoba sizobhekana nekilabhu eyodwa kathathu kulandelana, okuyinto eqalayo ukungehlela selokhu ngangena ebholeni.

Kumqoka ukuthi sizame ukuyilawula kahle le midlalo ngoba ngeyohlobo olungefani. Sizobhekana nezingqwele zeligi kathathu, leyo yintaba enzima kabi ukuyiqwala.

"Kodwa-ke siyakwazi okufanele sikwenze, sizilungiselele ukubhekana nayo yonke le midlalo ngoba ekugcineni kufanele siyidlale.
Njengamanje umdlalo omqoka yilo wangoMgqibelo.

"Kufanele sibe sezingeni eliphakeme ngempela uma sifuna ukwehlula iPirates.

"Kufanele siye kulo mdlalo nemiqondo ehluzekile. Ngicabanga ukuthi lokho kuzosisiza ukunqoba lo mdlalo bese siqala silungiselela olandelayo," esho.


IDowns isabisa ngokwenza i-Arrows isilo sengubo


Image

Senzo Sokhela

INGEBHE kuMiguel Cardoso (osesithombeni) ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns, ngezimbangi abazobhekana nazo emdlalweni omqoka wenkomishi.

IDowns iqhathwe neLamontville Golden Arrows emlenzeni wokuqala weSemi final yeMTN8 ngeSonto ngo-15h00 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

UCardoso uthi into eyenziwe yi-Arrows kwiKaizer Chiefs, iyehlula ngo-1-0 esibayeni sayo, imfakela itwetwe ngalo mdlalo.

"I-Arrows ngiyayesaba ngoba kayiqondakali, ivele ikumangalise. Into okufanele siyenze njengoba sidlalela ekhaya, wukuyishayisisa ukuze siye enkundleni yayo sesazi ukuthi kukhona esikuphethe.

"Kunzima ukubhekana nayo enkundleni yayo.
Kasikhohliwe ukuthi nangesizini edlule ibe nesandla ekutheni siphunyukwe yisicoco seligi njengoba isehlule ngo-1-0 enkundleni yayo emzuliswaneni wokuqala.

"Engikuqaphele ngayo wukuthi inabadlali abaseqophelweni, yikhona nje ukuthi kabanakekile.

"Uma uzodlala nayo kufanele uhlale uqaphile ngoba ihlelekile. Kodwa-ke sizokwenza konke okusemandleni ukuwunqoba lo mdlalo, futhi sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi kayilitholi igoli.

"Kufanele sikucacise zibekwa nje kulo mdlalo ukuthi sizele ukuzoyehlula, singayivumeli ukuthi yenze le nto eyenze kwiChiefs kithina ukuze singazifakeli ingcindezi emlenzeni wesibili," esho.

Sewuthuthelwe KwaMashu oweBay FC neChiefs

Image

NGUMDU Shabalala weChiefs (kwesobunxele) noMoses Mthembu weBay okulindeleke ukuba babonakale uma la makilabhu esebhekene.

IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SEWUPHINDE wathuthelwa kwenye inkundla umdlalo weRichards Bay FC neKaizer Chiefs, njengoba sewuzogijinyelwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoLwesithathu ngo-19h30.

Lo mdlalo bekufanele ugijinyelwe eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, ngosuku olufanayo, kodwa washintshwa ngenxa yokuthi le nkundla iyalungiswa njengoba imazombezombe phansi, iqothuke utshani.

Uqale wathuthelwa eMoses Mabhida Stadium, nayo esalungiswa njengoba kucace ngoLwesine ukuthi le nkundla eyakhelwa imidlalo yeNdebe yoMhlaba yeFifa yango-2010, ngeke ikwazi ukuwusingatha.

Lokhu sekwenze ukuba uthuthelwe KwaMashu. Lo mdlalo ngoweBetway Premiership.

USuthu imidlalo yalo emikhulu luyidlalele eKings ParkĀ  Stadium - ewumakhelwane weMoses Mabhida - njengoba ingakalungi iMabhida.

Nokho iKings Park ibuye ingatholakali kwabebhola njengoba kuyinkundla yeSharks edlala kuyona umbhoxo.