12 | Izindaba

Friday, 21 August 2026

Image

KUYAGWEMEKA ukubeletha ngomthungo uma uzozinakekela kusuka i-pregnancy isaqala.

Kuyagwemeka ukubeletha ngomthungo

Ezempilo:                                                   noMenzi Jele


Ziningi izizathu eziholela ekutheni owesifazane abelethe ngomthungo


NGOKOMBIKO weMoyo Clinic, esikhathini esiphila kusona, liyakhula inani labesifazane ababeletha ngomthungo (cesarean birth).

Ukudla okudliwa ngowesifazane ngesikhathi ekhulelwe, nomoya awuphefumulayo, kunomthelela emzimbeni wakhe.

Ukushesha ukuya emtholampilo noma kodokotela ngesikhathi uthola ukuthi ukhulelwe, kungakugwema ukuthi ugcine usubeletha ngomthungo.

Zikhona izinto ongeke uzigweme, eziphoqa umuntu okhulelwe ukuthi agcine esebeletha ngomthungo.

     Nazi izimo ezingenza owesifazane
      abelethe ngomthungo

- Uma owesifazane okhulelwe enomfutho wegazi ophezulu (high blood pressure).
- Uma inhliziyo yomntwana omkhulelwe ishaya kancane.
- Uma umntwana omkhulelwe emkhulu ngomzimba.
- Uma umntwana ngesikhathi umbeletha, ephuma ngezinyawo, hhayi ngekhanda.
- Uma owesifazane esekhulelwe izinyanga ezeqile kweziwu-9.
- Uma owesifazane ehlushwa yisifo sikashukela, noma enengcindezi.
- Uma umntwana ehleli kabi esiswini.

Okunye okufanele ukwazi ngokubeletha ngomthungo

- Abanye abantu besifazane bayazicelela kodokotela ukuthi bahlinzwe uma bebeletha, ngoba besaba ubuhlungu uma sebesikwa (labour pains)
- Kubalulekile ukuthi ukukhulelwa ukuhlele (planned pregnancy), ukuze ugweme izinkinga ongabanazo uma usubeletha.

- Ukunakekela umzimba ezinyangeni zokuqala usakhulelwe, nokulandela imiyalelo yodokotela, neyasemitholampilo, kuyasiza ukuthi ungabi nezinkinga uma usubeletha.

- Abanye abantu besifazane bayazicelela kodokotela ukuthi bahlinzwe uma bebeletha, ngoba besaba ubuhlungu uma sebesikwa (labour pains)
- Kubalulekile ukuthi ukukhulelwa ukuhlele (planned pregnancy), ukuze ugweme izinkinga ongabanazo uma usubeletha.

- Ukunakekela umzimba ezinyangeni zokuqala usakhulelwe, nokulandela imiyalelo yodokotela, neyasemitholampilo, kuyasiza ukuthi ungabi nezinkinga uma usubeletha.

Image

- Abesifazane ababa nezinkinga uma sebebeletha, bagcine sebehlinzwa, yilabo abaqala ukuhamba imitholampilo sebezobeletha, sebekhulelwe izinyanga eziwu-6,7, noma-8.

- Udokotela angakubelethisa ngomthungo uma unesifo sengculaza, futhi ungayisebenzisi imishanguzo, ukugwema ukuthi igciwane lesandulela-ngculaza, lingadluleli enganeni.

- Uma ukhulelwe izingane ezintathu (triplets),ungalindela ukuthi uhlinzwe uma usubeletha.

Uyatshelwa ukuthi uzoba nabantwana abangaki uma ubelethe ngomthungo

- Uma uqale ngokubeletha ngomthungo, uyatshelwa ukuthi ungalindela ukuthola abantwana abangaki.

- Uma usuqede ukubeletha ngomthungo, zijwayeze ukuhamba indawo emfushane (walks), ukuze ugweme ukuba namahlule (blood clots) emzimbeni.

- Lindela ukuthi kungenzeka ukuthi umthungo ubhibhe, ngakho yiba namaphilisi ezinhlungu. 
#Ulwazi ngabeMoyo Clinic. 
menzi.jele@ilanganews.co.za