09 | Izindaba
Friday, 21 August 2026
Lezi zintokazi zithi lokhu kuseyisiqalo sezinto ezinkulu ezizayo...
NguLwah Ndlunkulu noMawhoo, abazibiza ngamaZulu Queens, abakhiphe i-albhamu ndawonye.
Lucky Cain
KUZOVALEKA igebe kumaskandi ngokuhlanganyela kwezindlovukazi zaKwaZulu emculweni uLwah Ndlunkulu noMawhoo, abethule i-albhamu yabo ngokusemthethweni.
Lezi zintokazi ezizibiza ngokuthi zingamaZulu Queens, sezike zapikana phambilini engomeni esihloko sithi, Nembeza. NgoLwesithathu zimangaze abaningi, zethula le albhamu okulindeleke ukuba iphume ngomhla ka-28 kwephezulu.
Ngalo uLwesithathu, ziphinde zadedela enye yezingoma ezotholakala kule albhamu esihloko sithi, Distance, ezipike kuyona uFeza.
Ekhuluma ngokuhlanganyela kwabo uMawhoo uthe, selokhu baqala emculweni bebehlale beyiqhakambisa imvelaphi yabo, njengoba bedabuka ezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natal.
Uthe ukuhlanganyela kwakhe noLwah, kuzovala igebe phakathi kukamaskandi wamzukwana nowesimanje, osukwazi nokuheha abantu abasha.
"Ukwethulwa kwale albhamu, kusayisiqalo sezinto ezinkulu ezizayo nesisazimisele ukuzenza sobabili emculweni," kusho uMawhoo.
UMawhoo oseke wahlabana ngezindondo ngomculo wamapiyano nomaskandi, uke wahlanganyela neGcokama Elisha, bakhipha ingoma ehlukanise unyaka emisakazweni eyahlukene esihloko sithi, Gucci.
Ngakolunye uhlangothi uLwah, uthe ukuhlanganyela kwakhe noMawhoo, kuqhakambisa ubumbano lwabantu besifazane emculweni.
ULwah naye uke wakhipha ingoma ngokuhlanganyela neGcokama ethi, iParis.
Le albhamu entsha iqukethe izingoma
eziwu-15, kunezingoma lapho kupikwe khona abaculi abahlukene bakamaskandi okubalwa Izingane Zoma, noSiya Ntuli.
Umdidiyeli wale albhamu uLeroy Khoza, uthe kube yintokozo ukubona lezi zintokazi zihlanganisa lo msebenzi, ozithathe amasonto amabili.