08 | Izindaba
Friday, 21 August 2026
Lo mculi unomzungezo obizwa ngeBuyelekhaya Tour
Uthi uzokhumbuza abantu izikhathi ezimnandi, zamzukwana...
Thandi Zondi
"EZINYE izinto singeke sakwazi ukuzichaza indlela ezenzeka ngayo, singagcina siqamba amanga ngoba zingezikaNkulunkulu," kusho uNathi Mankayi, owazakhela ugazi ngengoma ethi, Nomvula.
Lo mculi ubemmangazwa wukuthengwa kwamathikithi omcimbi wakhe ubuthaphuthaphu. UNathi unomjikelezo womculo obizwa ngeBuyelekhaya Tour, lapho evakashela khona amadolobha ahlukene, osekusele kuwo iTheku ne-East London.
Uthi akanayo incazelo yokuthi kungani abantu besawuthokozela ngale ndlela umculo wakhe, futhi beqhubeka nokumeseka zikhathi zonke.
UNathi uzobe ebuya okwesibili ukuzocula bukhoma eThekwini; phambilini wayezokwethula i-album esihloko sithi, Usiba Lwegazi, ayikhiphe ngo-2022.
Kulokhu ukhuza ibuya nge-album yakhe yokuqala ebizwa ngeBuyelekhaya.
"Inhloso wukukhumbuza abantu lapho sibuya khona, ngibakhumbuza ngezikhathi ezimnandi lapho sasijabule khona, sikhumbula nasebahamba emhlabeni.
"Nginenkolelo yokuthi ngesikhathi le album iphuma, sonke sinezinkumbulo ezithile ngayo, inhloso wukubuyisa zona."
"Ngijabule kakhulu ngeBuyelekhaya Tour, ngisebenzisane nabantu abawaziyo umsebenzi wabo ukwenza lo mcimbi. Ngizokwazi ukwethulela abantu umculo ngendlela engangikade ngifisa ukwenza ngayo. Ngiletha umculo omnandi ebesiwenza kungakabibikho -i-autotune noma i-Ai, uza unjengoba unjalo," kuchaza uNathi.
Amathikithi omcimbi wosuku lokuqala ozoba mhla ka-1 Novemba, asedayiswe aphela. Uthi kwezinye izindawo asebephuma kuzona eKapa, ePitoli naseGoli, baphoqeleke ukwengeza usuku lwesibili.
"Nakanjani naseThekwini sokwengeza olunye usuku, abantu mabasondele bathenge amathikithi," kuphetha yena.
Phakathi kwezingoma azakhele ngazo udumo kubalwa ethi, Nomvula, Imibuzo, Buyelekhaya, Imimoya, Angeke nezinye.