04| Izindaba

Friday, 21 August 2026

Image

YINKOSI yamaNazaretha aseBuhleni, uMduduzi "Nyazilwezulu" Shembe.

UNyazi luxwayisa amaNazaretha 'adla iminikelo'


Kuthiwa le mali isuke inikelelwa iNkosi yamaNazaretha, kodwa igcine ingafikanga kuyona

Thokozani Ndlovu

IKHIPHA isexwayiso iNkosi yamaNazaretha, ohlangothini lwaseBuhleni, iNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe ngezinkonzo okuthiwa sezisabalele emathempelini aleli bandla, zokuqoqa "umnikelo wothando", lapho kusuke kunxenxwa amakholwa ukuba anikele ngenhloso yokuthi kubekhona okwenzelwa lo mholi, noma akhelwe umuzi.

Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, leyo mali kuthiwa kayiyiswa kulo mholi, futhi abantu kabatshelwa ukuthi kuqoqwe malini.

“Abasuke beyiqoqa, basuke bazi ukuthi akulula ukuba kubonakale ukuthi ifikile kumholi (noma cha). Lokhu kungenxa yokuthi enye isuke ingeke vele iyiswe kuyena, ngoba isuke ihlanganiselwa ukuthi akhelwe okuthile, noma kulungiselelwe umcimbi wokufika kwakhe kuleyo ndawo.

"Okunye, kazikhishwa iziliphu kumaNazaretha uma ithempeli selinikelile, ukuze kubonakale kalula ukuthi imali yenze okufanele yini,” kusho umthombo.

UNyazi luyakuveza ukunganeliseki kwalo kwezinye izintshumayelo, lukhuza abanikelisayo, luthi abadla imali yomnikelo bazibizela isiqalekiso.

ILANGA Lempelasonto linazo ezinye izintshumayelo zoNyazi, lapho likhuza khona lo mhlola.

“Le mali eniyiqoqa kubantu bese niyayidla, nize nazi ukuthi nidla amalahle. NoJudas Iscariot wadayisa ngoJesu, ngenxa yemali,” esho.

Image

NGAMANAZARETHA ethamele inkonzo.

UNyazi lukhala nangokudayiswa ngamakholwa njengoba kukhona abazwakala beluthuka ezinkundleni zokuxhumana.

Luthe laba abaluthukayo kabavele nje bazisukele baluthuke, kodwa ngamaNazaretha adala ukuba baluthuke.

Luqhube lwathi uJesu wahlanyukwa ngumfundi wakhe owayethembekile kuyena, uSimon Petro, owathi abafuna uJesu kuyomele baqale kubona, kodwa kwathi sekufike isikhathi sobunzima, waphika nokuthi ubehamba naye.

Okhulumela uNyazi, uMnu Thokozani Mncwabe, uthe abantu kabaphoqiwe ukukhipha leyo mali, kusuke kuwumnikelo.

“Njengoba kuthiwa yimali yothando; kusho ukuthi isuke iphuma othandweni lomuntu. Akekho umuntu ongaxoshwa esontweni noma aquliswe ngokuthi akayikhiphanga.

"Uma abantu befisa ukunikela kuShembe, imali iqoqwa ngabashumayeli emathempelini. Kuba kuwona amakholwa ukuthi afuna ukunikelelani ngoba imali isuke ishiwo ukuthi ngeyani,” esho.