03 | Izindaba
Friday, 21 August 2026
NGUKHUZANI Mpungose ongumculi kamaskandi, ongomunye wabazohambela ezitimeleni, ukukhuthaza abantu ukuya kwiMpucuzeko.
Kuzogitshezwa mahhala abanamathikithi okuya kulo mcimbi
Mthobisi Sithole
BAHLELELWE izithuthi zamahhala abazohambela umcimbi weMpucuzeko Maskandi Festival, yakulo nyaka.
Umhleli walo mcimbi, uMnu Xolani Mcineka (osesithombeni esingezansi), utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi izitimela zizobe zimahhala ngomhla ka-29 kule nyanga.
Uthi wuhlelo lolu olwenzelwe abathandi bakamaskandi, abafuna ukuya emcimbini weMpucuzeko, ePeople's Park, eMoses Mabhida, eThekwini.
Uthe kuzongenwa ngethikithi lomcimbi esitimeleni. Uthi zizosebenza ubusuku bonke nemini izitimela ngalolu suku.
"Sinobudlelwano nePrasa okuyiyona esilekelelile, ngoba inkinga enkulu esibhekana nayo, ngeyokuthi abanye baswela izithuthi uma sekuphele umcimbi.
"Ngakho-ke, uma umuntu ephethe ithikithi leMpucuzeko esandleni, uzongena esitimeleni, bese bemfaka elinye ithikithi esandleni, eliwuphawu lokuthi uya emcimbini wethu.
"Ngiyakholelwa ekutheni lolu hlelo luzowasiza kakhulu amabhinca," kusho uMcineka.
NGUMCULI kamaskandi uNtencane, ozoba yingxenye yabaculi abakhuthaza abalandeli ezitimeleni, ukuhambela iMpucuzeko.
Uthi ugqugquzela amabhinca ukuba awathenge ezitolo amathikithi uma efuna ukusuka emakhaya ngezitimela.
Utshele leli phephandaba ukuthi izitimela zizothatha mahhala abantu abahlala eThekwini.
Uthi sebeqale umkhankaso wokwazisa abathandi bakamaskandi ngalolu hlelo.
Umkhankaso uwenza nabaculi okubalwa kubona uKhuzani, uNtencane, uLimit, uBahubhe noNdoni (osesithombeni esingezansi).
Amathikithi omcimbi atholakala ngo-R150 eShoprite, eCheckers, eComputickets nase-Usave.
Kulo mcimbi kuzobe kuboshelwe uNavigator, uMdumazi, uDSD, uMzukulu, uNjoko, uDumakahle, iThwasa Lekhansela, uFalabo, uPotso, uLuve, uSkhenqe, uGadla, uSgwebo, uSminofu, uMkhulekelwa, uMfiliseni Magubane, uGandaganda, Amageza Amahle, iBhova Elincane, uQhosha, u-Ali Mgube, uThokozani Langa.
NGU-LIMIT Nala ongumculi kamaskandi, ozobe egqugquzela abantu ezitimeleni ukuya kwiMpucuzeko.
Abanye abaculi abayingxenye yeMpucuzeko, nguJumbo, uCevuzile, uQuality Biyela, uNjabulo Langa, uMenzi, iMfezi, uBende, uMayoghurt, uMalahle, uSya Ntuli, uShwi noMtekhala, uBuselaphi, Izingane Zoma, uMlabalaba, oSukasambe, uThandeka Radebe, uSmomoza, uWashesha, uMahostela, uJaivazimnike, Nkeshemba, iNyonemhlophe, Mashelela nabanye.
Lo mcimbi wesekwe yiphephandaba ILANGA, uKhozi FM, uhulumeni wakwaZulu-Natal, iSminorff, uSampra, uPrasa.
mthobisis@ilanganews.co.za