17| Ezemidlalo
Friday, 20 March 2025
NGUPITSO Mosimane.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UYANYANISWA nekilabhu elaxazwe nguRulani Mokwena, uPitso "Jingles" Mosimane ongumqeqeshi waseNingizimu Afrika ohlonishwayo.
UMokwena uthuse abathandi bebhola eshiya umsebenzi wokucija iMC Alger yase-Algeria afike kuyona ekuqaleni kwale sizini.
Ube esethulwa njengomqeqeshi omusha we-Al-Ittihad Tripoli yaseLibya.
Kuthiwa uhehwe ngetshe lemali ukuze ashiye le kilabhu esethubeni lokuthatha isicoco seligi njengoba isesicongweni se-log.
ILANGA Langesonto lithole ukuthi igama likaMosimane lihamba phambili kwabagaqelwe yiMC Alger.
NGURULANI Mokwena obeqeqesha iMC Alger.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UMosimane ugcine ukubonakala kwi-Esteghlal yase-Iran ngesizini edlule abengumqeqeshi wayo. Ushiyile.
Umthombo waleli phephandaba uthe: "UMosimane ungomunye wabaqeqeshi abagaqelwe yile kilabhu yase-Algeria esanda kushiywa nguMokwena.
"Nakuba kungakacaci ukuthi le kilabhu isixhumanile yini noMosimane, kodwa igama lakhe liphezulu kubaqeqeshi abafunwa yiyona.
"Kodwa-ke kuzobonakala ngoba kunemicikilisho ethile esabhekisiswa."
Imizamo yokuthola uMoira Tlhagale weMT Sports Marketing and Management, okuyinkampani ephethe UMosimane - ukuba aphawule ngalolu daba - iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni ngesikhathi ezanywa izikhawu ezahlukene.