21| Ezemidlalo
Friday, 20 March 2026
Mzwamandla Zondi
IKHUZA ibuya indodana yolahleko kwezokugijima, uLuvo Manyonga (osesithombeni) owenza i-long jump, oqokelwe eqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika eliya emidlalweni yeWorld Indoor Championships eqala ngoLwesihlanu isongwe ngeSonto ePoland.
I-Athletics South Africa (ASA) iqoke abagijimi abawu-8 ukumela izwe kulo mqhudelwano omkhulukazi kwezokugijima emhlabeni.
Lo msubathi - owake waba samatheni kwabezindaba emuva kokusabalala kwezindaba zokuthi usewuhobo - uke wavela ohlelweni lweMzansi Magic oluthi 'I blew it', lapho akuqinisekisa khona ukuthi udle imali eningi ngezidakamizwa.
Lo msubathi kwavela nokuthi ubesehlala emigwaqweni ngemuva kokubhubhudla imali yakhe. Kulo lolu hlelo wacela usizo, agcine elutholile njengoba esebuye mawala kulo mdlalo wakhe.
Ngesikhathi evela kwi-I blew it, baningi abantu abaphakamisa isandla, bethembisa ukuthi bazomsiza. Omunye wabo nguMengameli we-ASA, uJames Moloi.
UManyonga ubesebuyela ezidakamizweni okwesibili njengoba eke wasoleka kuzona ngo-2012, okwaholela ekutheni amiswe izinyanga ezimbalwa. Waphinde wavuka ngemuva kwalokho.
Ukubuyela kwakhe ezidakamizweni kulandela ukungatholakali kwakhe efunwa ngabahlola izidakamizwa emagazini abasubathi.
Ngenxa yokungamtholi, bamumisa iminyaka emine engagijimi, kusuka ngo-2020 kuya ku-2024.
Esehleli, yilapho-ke wabuyela ezidakamizweni.
UManyonga ngo-2016 wahlomulela izwe indondo yesiliva emidlalweni yama-Olympic eyayiseBrazil. Ngo-2017 waphinda watholela izwe indondo yegolide kwiWorld Championships eLondon, e-England.
Ngo-2018 wabuya nesiliva kwiWorld Indoor eBirmingham, e-England, kanti ngalowo nyaka waphinda wahlabana ngendondo yegolide kwiCommonwealth Games eGold Coast.
Uphethe irekhodi lase-Afrika nelakuleli ngokugxuma ibanga eliwu-8.65m.
EPoland uManyonga we-long jump uzokube ehamba noKarabo Letebele (60m), uLuan Munnik (3000m), uFranco Le Roux (60mH), uMondray Barnard (60mH), uTemoso Masikane (long jump), u-Aiden Smith noMine De Klerk (shot put).