08 | Izindaba
Friday, 20 March 2026
NGUMNU Devin Heffer (okwesobunxele) oyisikhulu esengamele ezokuxhumana kwaHollywoodbets.
Lucky Cain
BANESIFISO sokuthi umcimbi walo nyaka weHollywoodbets Durban July (HDJ), ukhuphule umnotho weTheku, ufinyelele ku-R1 billion, futhi uqhubeke nokukhulisa amathuba emisebenzi, nomkhakha wezokungcebeleka nezokuvakasha.
Lokhu kuvezwe nguMnu uDevin Heffer oyisikhulu esengamele ezokuxhumana kwaHollywoodbets, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni i-theme yezemfashini yalo nyaka kulo mcimbi, ozoba ngomhla ka-4 kuJuly.
UHeffer uthe lo mcimbi wakwazi ukukhuphula umnotho weTheku wafinyelela ku-R850 million nyakenye, kanti kulo nyaka bayafisa, futhi banethemba lokuthi bazokwazi ukuwunyusela ku-R1 billion.
"Ngonyaka owedlule sakwazi ukuheha abantu abalinganiselwa ku-41 000 ngalo mcimbi, kanti kulo nyaka sizimisele ngokusandisa lesi sibalo," kusho yena.
Uthe lo mcimbi akuwona nje owobumnandi nokungcebeleka, kodwa uneqhaza elimqoka ekwakhiweni kwamathuba emisebenzi, nasekukhulisweni komkhakha wezokuvakasha, futhi uthuthukise nabasiki bengqephu abasakhula, nasebemnkantshubomvu.
UHeffer uthe njengoba sebeyethulile i-theme yalo nyaka, lokho kusho ukuqala komgqigqo obheke kulo mcimbi, njengoba bezoba nezinhlelo zokuheha abantu ukuba baphume ngobuningi, ukuyoba yingxenye yawo.
Kulindeleke ukuthi amathikithi alo mcimbi aqale ukuthengiswa kusukela ekuqaleni kuka-April.
I-HDJ ibalwa nemicimbi emikhulu eyenzeka eThekwini, njengoba ihlanganisa osomabhizinisi, abathandi benjabulo nazo zonke izinhlaka.
Izinkampani ezizimele nabahleli bemicimbi, bavame ukuba namatende lapho bemema khona izicukuthwane, ngenhloso yokuzijabulisa nokuxhumana, kwakheke nobudlelwano bokusebenzisana.