13 | Izindaba
Friday, 20 March 2026
NJENGOBA kunengebhe ngokuthi ungase wenyuke kakhulu uphethiloli ngenyanga ezayo, lokho kusho nokwenyuka kwezindleko zezithuthi.
ENingizimu Afrika isimo somnotho kasisihle, izindleko zokuphila zenyuka mihla namalanga, kodwa kwabaningi imiholo inyuka ngesivinini somneke (uma benenhlanhla yokuthi yenyuke).
Njengomshayeli wemoto, kukhona ongakwenza, okungakusiza wonge.
Ongoti bathi indlela oshayela ngayo, nezinqumo ozithathayo njengomshayeli, kungawenza umehluko, kukushiye nalawo masentshana ephaketheni.
1. Qinisekisa ukuthi amathayi anomoya owanele: Amathayi angenawo umoya owanele, abambelela kakhulu emgwaqweni, okugcina kwenze injini idinge amandla engeziwe ukuhambisa imoto.
2. Khipha izinto ezingenasidingo ebhuthini yakho: Uma kwanda isisindo esithwelwe yimoto yakho, kanjalo namandla adingekayo ukuthwala lesi sisindo ayanda.
Gwema ukuthwala izinto eziningi, ezingadingeki ebhuthini. Enye insizwa yakwasibanibani ithi kayibaniki abantu u-lift, ngoba kwanda isisindo esithwele yimoto, kugqobhoke iphakethe layo.
3. Vala amawindi, uvule i-aircon: Kunenkolelo yokuthi i-aircon imosha uphethiloli emotweni. Ongoti bathi lokhu kakulona iqiniso.
Bathi empeleni uma ushayela uvule amawindi, umoya ongenayo udala i-friction ekhalima imoto ukuya phambili.
Imoto yakhiwe ngendlela yokuthi uma ivaliwe, umoya omningi ushaya udlule, kawuyiphushi.
4. Nyathela ngesinono kwi-accelerator: Uma unyathela mawala umlilo, injini ishisa uphethiloli omningi ukuze imoto yenyuse isivinini esikhathini esifushane.
Uma usenyusa kahle, ungayiklinyi imoto, lokhu kungenza omkhulu umehluko. Kungakusiza ukuzinika isikhathi esanele uma uya lapho oya khona, ukuze ungazitholi sekufanele uphuthume.
5. Ungahambi kancane kakhulu, ungagijimi kakhulu: Injini isebenza kakhulu ukugcina isivinini siphezulu, ukuphikisana nomoya ofuna ukubuyisela imoto emuva.
Uma ugijima kakhulu, kusho ukuthi injini isebenza ngokuphindiwe, nophethiloli uhamba ngokuphindiwe.
Nakho ukuhamba kancane kuyawudla uphethiloli. Kwenza amasondo abambelele kakhulu phansi, imoto yehlise amagiya ukulanda amandla okuya phambili.
6. Gwema ukukinatela ibhuleki: Ukuhambe ucindezela kakhulu ibhuleki, kumosha uphethiloli ngoba kudingeka uphinde unyathele umlilo ukwenyusa isivinini.
Shiya isikhala esanele phakathi kwakho nemoto oyilandelayo, ukugwema ukulokhu unyathela ibhuleki.
7. Hlela isikhathi sokuhamba: Uma ikhona indlela, hamba ngezikhathi zasemini, noma uhambe ekuseni kakhulu ukugwema isikhathi sesiminyaminya emgwaqweni.
Uma kunesiminyaminya, umshayeli unyathela kaningi ibhuleki, anyuse nge-accelerator - kuyasukwa, kuyamiwa - okwenza imoto idle kakhulu.
Izikhathi zesiminyaminya yisekuseni, lapho abantu abaningi beya emisebenzini noma ezikoleni, nantambama uma sekubuyelwa emakhaya.
Kulabo abanezimoto zesimanjemanje, ziyakhombisa ukuthi imoto idla kangakanani ngesikhathi unyathela i-accelerator.
Kungakusiza ukuzejwayeza ukugcina izinombolo ziphansi uma ushayela. Uzoqaphela ukuthi ziba phezulu kakhulu uma imoto isasuka (ngoba idinga amandla amaningi), zehle uma imoto isihamba.