14 | Izindaba

Friday, 20 March 2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: 'Asengcupheni' amasheya kaBobby kwiKaizer Chiefs. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

NGUBOBBY Motaung, ongase adlelwe amasheya kwiKaizer Chiefs.

01


Sandile Mngomezulu:
Ningaphinde-ke nikhale balandeli beChiefs, ama-free agents yinto enisazophila ngayo leyo.

02


Mthokozisi Memela:

Mabawathathe. Sebesuthi baze baqunjelwa laba bakwaMotaung.

03


Mvuselelo Mvuse Mkhize:

Awuuu! Namanje uBobby akakayikhokhi?
Kunini yayifunwa.

04


Nkosi Mawandla:

Mabawadle impela khona ezophuma kwiChiefs, sike sibuyelwe yinjabulo nathi.

05


UMsolwa Ongenacala:

Yingakho sidonsa kanzima kanjena! Sihlulwa nawukukhipha u-R20 million for umdlali.

06


Njabulo KaNdabazezwe KaSimelane:

Vele noma angadliwa lawo masheya. Makaphume aphele ngoba ubuye angakwazi nokukhuluma nabantu.

07


Ngema Madlokovu:

 Mabawathathe, bangashiyi lutho.

08


Nathi Luswazi Mkhize:

Umuntu obulale iChiefs, yilona.🤞

09


Andreas Spikitjo Maphiwana:

Wenza ngamabomu.

10


Sifiso Welly Mabi:

Pho yini ahlulwe yimali engaka enegaraji nebhilidi, okungena izinkulungwane kulona masonto onke?
Kusobala ukuthi akafuni ukuyikhokha noma usazama ukuyincinza kuyise.

11


Ndokhala Nomchane:

Makudliwe i-team yonke.

12


Snzo Menziwa:

OkweChief's sengathi kungashabalala! KwaBobby lowo. Ukumbona nje ephethe iCV eyomaketha, kungawuthokozisa umoya wami.

13


Nashville Sogodi:

Hhayi ziningi izinkinga zalo muntu neqembu lakhe! 😂🤣

14


Mhlengi Umkhov'odlehotela Ndlovu:

 I-Business lomndeni liyahamba.

15


Bekezela Phakathi:

 Mawadliwe wonke, kuzophela le nkinga esibhekene nayo.
Yingakho singakhoni nokuthenga abadlali abasezingeni, yilesi sikweletu salo mholi obulala i-team kayise ayisebenzele kanzima kanjena. 🤞🤞

16


IamMluleki Mvelase General:

Mabawadayisele mina. Ngizowina i-Lotto today.

17


Mbawula Shabalala:

Sengathi angadliwa impela lawo masheya akhe kwiChiefs.
Vele akawasebenzisi kahle.

18


Sinethemba Mthunzini:

Wee! Lapho akathengi nabadlali, kanti uyenzani imali?