11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 20 March 2026
✍🏾✍🏾✍🏾Dhiye siponono sami, thambo lami lekhentani...
Nkosazane ngilokhu ngibhala ngicisha ngithi ngizama ukudla ngoludala, ngikubhalele incwadi. Kodwa dhiye uma usuhlobe kanje, usuvele wangivala amehlo. Ubuhle bakho bungenza ukuthi ngiyoziphonsa nakomashonisa ngikulande uzovusa umuzi kababa.
Namhlanje sikuphathele uLilo Sinthumule waseGauteng, onamabhizinisi agxile kwezobuhle nezinwele. Inkosazane ephila ngokushintshanisa amabhanoyi, nokuba semgwaqweni ngoba ithi iyazifela ngokuvakasha.
Awu kodwa siponono, uma ngingathola ngisho umzuzu nawe ngingaphuma ngisho umkhaba.