09  | Izindaba

Friday, 20 March 2026

Lesi siteshi sisazogubha nabalalelli

IGagasi FM liqophe umlando ngokukhula ngesivinini


 Ligubhe iminyaka ewu-20 lasungulwa...
Image

Lucky Cain 

UQHAKAMBISE umlando wokukhula ngesivinini kweGagasi FM ngesikhathi esingangonyaka uKhulekani Shandu, oyisikhulu salo msakazo, ngesikhathi ugubha iminyaka ewu- 20 wasungulwa, ngoLwesihlanu, eCornubia, eThekwini.

Lo msakazo ugubhe le minyaka ezindlini zawo eCornubia, lapho bekunezinhlelo obekuqhakanjiswa kuzona umlando wawo.

Imigubho yalo msakazo iqale ohlelweni lwasekuseni olushayelwa nguFelix Hlophe noMinnie Ntuli, yaphothulwa ngolwantambama obelushayelwa nguSphectacular, Selbyonce noNaves.

Kolwantambama abanye abasakazi bezinye izinhlelo nezikhulu babuthane e-studio, lapho kukhunjulwe khona zonke izingoma ezike zahlukanisa unyaka kulo msakazo. Kuculwe izingoma zokuhalalisela lo msakazo ngale minyaka.

Image

UMinnie obengomunye wabasakazi abebekhona kulolu hlelo, uhalalisele lo msakazo ngaleli banga, wakhumbula izinhlelo zokubuyisela emphakathini ovamise ukuzenza, ikakhulukazi zokuhambela izikole.

Image

Uthe ufisela lo msakazo ukuqhubeka nokukhula, nokweseka umphakathi ngaso sonke isikhathi.

UShandu okhulumela lo msakazo, uveze ukuthi lo msakazo wagila izimanga ngokufinyelela esigidini sabalaleli esikhathini esifushane usunguliwe.

Uqhube wathi kusukela lapho, kawukaze ubheke emuva njengoba uqhubeke njalo nokukhula, futhi wakwazi nokusabalalela ezindaweni owabe ungatholakali kuzona ngesikhathi uqala.

"Uma uzokhumbula ngesikhathi siqala, sasibizwa ngeGagasi 99.5 ngenxa yokuthi sasitholakala emadolobheni athize esifundazweni. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi lokhu kugcine kushintsha sabizwa ngeGagasi FM, ngenxa yokuthi sesitholakala kusona sonke isifundazwe," kusho uShandu eveza ukuthi ne-app yalo msakazo yenza uqhubeke ukhule, ulalelwe nangabantu abangekho KwaZulu-Natal.

Uthi bazoba nezinhlelo zokugubha le minyaka ngokuhambela ezindaweni ezahlukene.

"Sisazozimemezela izinhlelo zethu zokugubha nabalaleli bethu le minyaka," kusho uShandu.

UShandu ubonge abalaleli balesi siteshi ngokuthembela kusona, wabonga namabhizinisi asebenzisana naso ukufaka izikhangiso, nazo zonke izinhlaka ezibambesene naso.

IGagasi lingesinye seziteshi ezihamba phambili KwaZulu Natal. Kulindeleke ukuthi lo msakazo umemezele izinguquko ezizobakhona emoyeni njengoba kuzoqala unyaka wezimali ngo-Ephreli.

UShandu akafunanga ukuphawula ngalezi zinguquko, njengoba ethe okwamanje basagxile ekugubheni iminyaka ewu-20 isiteshi sasungulwa.