06 | Izindaba
Friday, 20 March 2026
Ngumculi we-gospel, u-Ayanda Ntanzi.
U-Ayanda uthi ubuya nemigilingwane ezomangaza abathandi bomculo wakhe
Ngonyaka owedlule ube yimpumelelo umcimbi wakhe emuva kokunyomuka kwabaxhasi...
Lucky Cain
UFISA iTheku libe yikhaya lomcimbi wakhe ngokugcwele umculi we-gospel, u-Ayanda Ntanzi, osanda kumemezela ukubuya komcimbi wakhe
i-Ayanda Ntanzi One Man Show. Lo mcimbi uzoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngomhla ka-11 kuJulayi, nonyaka.
Lo mcimbi uqale eminyakeni emibili eyedlule kuyona le ndawo, kwathi ngonyaka owedlule wenzelwa ezinkundleni zemidlalo iMoses Mabhida njengoba usubuyela e-ICC kulo nyaka.
Ngonyaka owedlule u-Ayanda wakhala ngabaxhasi abamlaxaza ngomzuzu wokugcina ngesikhathi enomcimbi eMoses Mabhida, kodwa waphokophela waqhubeka, konke kwaba yimpumelelo nakuba ingagcwalanga le nkundla.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto u-Ayanda, uthe ukhethe ukubuyela e-ICC ngoba efuna ukwenza imigilingwane nezimanga.
"Indawo efana ne-ICC iyakwazi ukungivumela ukuba ngenze okungaphezulu kokucula. Uma ukhumbula ngesikhathi siwenzele khona (e-ICC), ngakwazi ukumangaza abantu, ngaqhamuka ngilenga ngentambo, okuyinto abantu ababengayilindele," kuchaza u-Ayanda.
Uthe le ndawo iyamkhulula ukuthi akwazi ukucabanga ngaphandle kokuzivalela ebhokisini.
"Uma ngihlanganisa lo mcimbi, ngisuke ngenza into okumele ihlale ezingqondweni zabantu ingunaphakade. Bathi bedumisa, kodwa bebe bebona nobuciko nobuhlakani esibuhlanganisile ukuze bathokoze," kusho yena.
Uthembise ukwenza okudlulele kunalokho abantu abacabanga ukuthi bayakwazi ngaye.
"Okunye okuzojabulisa abantu, wukuthi sizobe siqhulula namanoni amasha esesiwaqophile, esinesiqiniseko sokuthi abantu bazowathokozela.
"Nakulo nyaka, sifisa kushaye usuku lo mcimbi esedayiswe aphela wonke amathikithi, yingakho sisheshe sawumemezela lo mcimbi ukuze abantu bahlele kahle kusenesikhathi, nathi sikwazi ukuthi sizilungiselele ngaphandle kokuxhamazela," kusho le ntandokazi yomculi we-gospel.