02 | Izindaba

Friday, 20 March 2026

Ezifingqiwe


Isimemezelo seMultiChoice ngokuvalwa kweShowmax


Image

IMULTICHOICE - eseyithengwe yiCanal+ yaseFrance - imemezele ngoLwesine ukuthi izovalwa ekupheleni kuka-April nonyaka iShowmax.

 Lesi simemezelo sandulelwe ngesikhishwe yile nkampani - ngokubambisana nayo iShowmax - ngasekuqaleli kukaMarch, esimayelana nezinhlelo zokuvalwa kweShowmax, ngenxa yokuthi kayiyenzi inzuzo.

Ithi ngokwezingxoxo ebenazo namakhasimende eShowmax, izinhlelo zayo zizobuyiselwa kwiDSTV Stream, lapho okuzobakhona indawo ebekelwe zona kuphela.

Amakhasimende anikwe kuze kube wumhla ka-31 kuMarch ukuba avuselele ama-subscription awo noma awakhansele.

Iveze ukuthi amakhasimende azokwaziswa mayelana nezinye izinhlelo ezizokwenzeka, ngokuhamba kwesikhathi. 

Phambilini le nkampani yaveza ukuthi ngeke ilahleke imisebenzi ngokuvalwa kweShowmax.


Izotshalwa emathubeni emisebenzi imali ezotholwa ngokubhidlizwa kwamabhilidi kahulumeni


Image

UNGQONGQOSHE wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnu uDean Macpherson, uhlela ukuyisebenzisa ekuthuthukiseni izakhamizi, nokuyitshala ekwakhiweni kwamathuba emisebenzi, imali ezotholakala uma uhulumeni usubhidlize amabhilidi awo, angekho esimweni

 UMacpherson usho lokhu ngesikhathi ememezela ukuthi uhulumeni usezinhlelweni zokubhidliza amabhilidi kahulumeni asemadolobheni aseNingizimu Afrika, angahlali muntu, bese imali esetshenziswa kuwona, kuthuthukiswe ngayo umphakathi.

 Uthe kulolu hlelo uhulumeni uzokonga imali engaphezu kuka-R500 million ngonyaka.

Lolu hlelo luzolekelela nasekugcineni amadolobha ehlanzekile, futhi lwehlise nesibalo samabhilidi agcina edliwe ngabokufika, ngokusho kukangqongqoshe.


Ungqongqoshe usabise ngokubambela omasipala imali


Image

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMnu uVelenkosini Hlabisa, usabise ngokubabambela imali omasipala abahluleka wukuphatha ngendlela isabelomali sabo sokulungisa ingqalasizinda.

Lokhu ukusho phambi kwekomidi elibhekelele lo mnyango ephalamende ngoLwesithathu ebusuku.

Uthe ukubambela labo masipala imali, kuzolekelela ekuqinisekiseni ukuthi imali yomphakathi yenza izidingo zawo.

Uthe uma kutholakala ukuthi umasipala uqambe amanga ngokuhanjiswa kwentuthuko emphakathini, ngeke unikwe isabelo sawo kuze kube ukhipha imibiko egcwele ngokuthi ingxenye yemali iphelele kuphi.


Kugiye i-IFP ezinkethweni zokuchibiyela 


Image

I-IFP idle umhlanganiso okhethweni lokuchibiyela obelungoLwesithathu emawadini amabili - okungu-ward 7 no-20 -  kuMasipala waKwaNongoma.

Ukunqoba la ma-ward kuchaza ukuthi iNkatha isingakwazi ukuziphathela lo masipala ngokuzimela, njengoba isinezihlalo eziwu-23, kweziwu-45 emkhandlwini.

Phambilini ibiphethe lo masipala ngokubambisana ne-EFF, enezihlalo ezimbili.

Izikhala kula ma-ward - obekuvotwa kuwona - zivuleke ngenxa yokwesula kwamakhansela amabili, abephethe ngamathikithi eNFP.

Okhulumela iIFP kuzwelonke, uMnu Mkhuleko Hlengwa, ubonge amavoti, namalungu eqembu lakhe, abeyingxenye yomkhankaso.

Udonse ngendlebe amakhansela adle umhlanganiso ukuba aqinisekise ukuthi ayawusebenzela umphakathi.