22| Ezemidlalo

Friday, 20 June 2025

ISundowns kayibugqizi qakala ubungozi bamaJalimane ansondo


Ijabulela ukuthi yiBorussia Dortmund enengcindezi kakhulu


Image

NGU-DIVINE Lunga oyisitobha seDowns.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mfanafuthi Ndlovu

KABAKUGQIZI qakala ukuqhathwa nekilabhu ehlonishwa umhlaba wonke abadlali beMamelodi Sundowns ezoshukana neBorussia Dortmund yaseGermany emdlalweni wesibili kaGroup F weFifa Club World Cup, ozokuba ngoMgqibelo ngo-18h00 e-United States of America (USA).

UDivine Lunga ogijima emuva ngakwesobunxele kwiSundowns - obenomdlalo omuhle beguqisa i-Ulsan HD yaseSouth Korea ngo-1-0 kowokuvula, ngoLwesithathu - utshele abezindaba ukuthi nakuba behlalelwe wumsebenzi onzima uma sebetholene phezulu neDortmund, kodwa kabanalo uvalo njengoba beya kulo mdlalo.

IDortmund icazelane amaphuzu ibambana neFluminense yaseBrazil ngo-0-0 emdlalweni wokuvula.

ULunga uthe yize izitha zabo ziyikilabhu enkulu ebholeni lomhlaba, kepha enkundleni ngeke nangengozi benze iphutha lokuzihlonipha, baziyeke zizichanasele kubona.


"Njengoba sikwazile ukudlala ngokuziqoqa sibhekene ne-Ulsan, yini pho engasehlula ukwenza okufanayo kwiDortmund? Phela sonke siyefana enkundleni, kawukho umehluko otheni, ngamagama (adumile) kuphela. Sizobhekana neDortmund sinomfutho omkhulu emuva komphumela wethu omuhle odlule.

"Esikuqaphelayo kule midlalo wukuthi amakilabhu ayalwenza ucwaningo ngezitha zawo. Kodwa-ke noma izitha zethu zingasihlelela kanjani, sizokwazi ukujika izinto ensimini," esho.

Image

NGABALANDELI beDortmund abebeyikhomoza ibhekene neFluminense.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Uthe ukholelwa ekutheni bangakwazi ukubuya namaphuzu agcwele kwiDortmund, yize kungeke kube lula. Uthe okuhle wukuthi ingcindezi isezitheni zabo.

ISundowns yiyona eqhwakele kuleli qoqo ngamaphuzu amathathu,  iDortmund neFluminense banephuzu ngokwahlukana kuthi i-Ulsan ibambe ibhuleki ngeqanda ngemuva komdlalo owodwa.