17 | Ezemidlalo

Friday, 20 February 2026

Nguwafawafa owoBay FC noSuthu

AmaZulu FC asenesilonda esibhibhayo ngokwenziwa yiNRB
Image

NGUMQEQESHI wamaZulu FC, u-Arthur Zwane.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UVEZA umdlali weRichards Bay FC okufanele bamuqaphe ngeso lokhozi umqeqeshi wamaZulu FC, u-Arthur "10111" Zwane.

AmaZulu azovakashela omkhaya bawo, iRichards Bay FC koweLast 16 yeNedbank Cup ngoLwesihlanu ngo-19h00 eMhlathuze Sports Complex.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola kwazise uzoqinisekisa ukuthi kukhona ikilabhu yaKwaZulu-Natal ezokuba yingxenye yama-quarter final njengoba edabuka khona.

UZwane uthi kuzofanele babe mehlo made kuLundi Mahala ngenxa yokuthi usefomini enhle kulezi zinsuku, okumenza ingozi enkulu ezitheni.

"Silindele umdlalo onzima kubona kodwa umuntu okufanele simgadisise ngumgadli wabo, uLundi Mahala osefomini kulezi zinsuku.

" Sesimubone kaningi, uyingozi, uzithwalisa kanzima izitobha. Kodwa-ke lokho kakusho ukuthi siyogada yena nje kuphela. Sizoya kulo mdlalo nesu lokuwunqoba ngoba sifuna ukwenza kahle kulo mqhudelwano," esho.

Image

NGULUNDI Mahala weBay egadulisa uRiaan Hanamub (4) noSiyanda Hlangabeza boSuthu. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UPapi "Ginger" Zothwane ololonga iBay, uthi nabo kuzofanele bagade umgadli woSuthu, uThandolwenkosi Ngwenya ngoba akalibheki ipali. Uthi okuzobasebenzela bona wukuthi basekhaya.

Kulindeleke ukuba lo mdlalo uhanjelwe ngabalandeli abaningi kwazise kusiphuka izidindi ngaso sonke isikhathi uma la makilabhu ebhekene.

Egcina ukuhlangana ngasekupheleni kukaNovember wonyaka odlule koweBetway Premiership, khona belu eMhlathuze, iBay yanqoba ngo-2-0. Lokhu kwashiya uSuthu nesilonda esibhibhayo.

Lokhu kwenza ukuba uSuthu kulindeleke ukuba lulwele ukubuyisa isithunzi salo ngokunqoba lo mdlalo ukudlulela kuma-quarter final.