13 | Izindaba
Friday, 20 February 2026
SEKUSUKE izinkulumo nemibono eyahlukahlukene ngokudlondlobala kokuqashwa kosaziwayo basezinkundleni zokuxhumana (social media influencers/content creators).
Umthelela wezokuxhumana oncike kakhulu ezinkundleni ezahlukene, ubonakala ubhebhethekela nakwezomkhakha wokudayiswa kwezimoto, okusekudale izinkulumo nemibono eyahlukene.
Iqiniso lithi imikhakha eminingi iyathinteka ngokuguquka kwezobuchwepheshe, njengoba isithinta zonke izingxenye nempilo.
Abanye bathi lokhu akunabo ubulungiswa
Ihlukene-ke imibono phakathi kwababona lokhu kungenabo ubulungiswa kulabo abanesipiliyoni nokuqeqeshwa okufanele emkhakheni wokudayiswa kwezimoto.
Abanye bakubona lokhu njengenye yezindlela okumele abantu bahlakaniphe ngayo, ekusebenziseni izinkundla zokuxhumana ukuzivulela amathuba, nokuqhakambisa abangakwenza ukuhlanganyela nezimboni ezahlukene.
ILANGA Lempelasonto lixhumane no-Anele Dlamini, oyi-Marketing Executive kwa-Halfway Mobility Group, ozinze egalaji laseMhlanga, eNyakatho yeTheku, nababonakala bemandla ekusebenzisaneni nosaziwayo basezinkundleni zokuxhumana.
UDlamini usinika umqondo, waphendula imibuzo ephakanyiswa ngabaningi ngalokhu:
Iyini inhloso yabakwa- Halfway Mobility Group ngokuqasha osaziwayo basezinkundleni zokuxhumana, ekubeni abadayisi bezimoto noma amanxusa?
“Kwa-Halfway Mobility Group, sanquma lokhu sibona ukuguquka kwendlela abathengi abathatha ngayo izinqumo lapho bezothenga imoto.
Umthengi useqala kwi-internet, aqoqe ulwazi ngemoto, abheke imibono eyahlukene, aphinde aqhathanise nezinto ezishiwo ngabashayeli abahlukene ngezimoto asuke azibhekile emakethe. Lokhu kwenzeka ngaphambi kokuba baye egalaji lezimoto.
"Sabona igebe phakathi kwendlela ejwayelekile yokumakhetha nokudayisa izimoto, nendlela abathengi abathatha ngayo isinqumo.
Ukuhlanganyela kwama-influencer nobuciko basezinkundleni zokuxhumana, nezindlela zokudayisa zasemagalaji, kwakuwukusondeza lezi zinto zombili ukuze zihlangabeze umthengi.
"Ezinkundleni zokuxhumana, sithola ithuba lokusondelana nomthengi ngendlela ayijwayele, nemnikeza isiqiniseko lapho emanqika. Kasivali isikhala sabadayisi bezimoto, kodwa ukuhambisana nezinguquko ezibeka umthengi phambili.”
Ngabe lokhu kuyisu lokudayisa ukuqashwa kosaziwayo basezinkundleni zokuxhumana, noma yindlela lokuqhakambisa amagalaji enu ukuze nixhumane ngokukhethekile nabathengi?
Ngabe bukhona ubufakazi obubambekayo, obukhomba ukwenyuka kwenani lokudayiswa kwezimoto selokhu lomgqigqo uqalile?
“Sikwenza kokubili, kodwa kuqala ngokuqhakambisa izimoto namagalaji ethu, nokuxhumana ngokukhethekile nabathengi ezinkundleni zokuxhumana.”
“Osaziwayo basezinkundleni zokuxhumana abangabadayisi bezimoto zethu, bashicilela ulwazi ngendlela enobuciko, ethandwa ngabathengi, nabayilangazelelayo nsuku zonke – lokhu kwakha ubudlelwano nentembeko.
"Lokhu kwethenjwa kwabo, kuguquka kube yimibuzo ngezimoto, okumele ama-influencer angabadayisi, ameme ngayo umthengi kumagalaji ethu, bese kuba wumsebenzi wethu ukuhweba, sidayise.
"Konke lokhu yindlela engaphumile ekudayiseni izimoto. Siyavuma ukuthi akusiyo yonke i-content, ezoholela ekudayisweni kwemoto, kodwa kunomthelela omkhulu esiwubonayo kubathengi abafuna ukwazi okuthe xaxa, ngezimoto zethu, ukuxhumana nabathengi ezinkundleni zokuxhumana nokuba ngundabuzekwayo kubathengi.
"Esikhathini samanje ukuhlezi usemqondweni nasemehlweni abathengi, yikhona okukulethela abathengi.”
Nibhekana kanjani nokwentuleka kwemisebenzi kulo mkhakha njengoba kunabanesipiliyoni abangaqashiwe, ukubhalansisa imikhuba emisha yesikhathi nengcabha yemboni yokugcina imisebenzi kwasebenesipiliyoni?
Kasiqondile ukuthatha imisebenzi yabadayisi bezimoto
“Inkinga yokwentuleka kwemisebenzi ezweni lethu ngeke kwabekwa kithi kuphela.
Esikwenzayo, wukubhekana nezinguquko ezigqilaza umkhakha wethu, ngenxa yokushintsha kwendlela abathengi abathenga ngayo.
"Ngesikwenzayo, kasiqondile ukuthatha imisebenzi yabadayisi bezimoto siyinike ama-influencer. Ulwazi lwabo lubalulekile emkhakheni wethu. Okwenziwa ngama-influencer, wukukhulisa nokumaketha esikwenzayo.
"Eqinisweni le ndlela yokusebenza ivula amathuba emkhatheni we-digital marketing, ukudidiyelwa kwe-content nethuluzi lwe-online engagement, okuvula amathuba kwezokuxhumana.”
Ngabe bayaqeqeshwa osaziwayo basezinkundleni zokuxhumana ukuze babe nolwazi oluthe thuthu ngezimoto, ukudayisa, ukuqinisekiswa ngezitifiketi zokuqeqeshwa, nemidanti yakhona?
“Kubaluleke kakhulu lokhu kithina njengo-Halfway Mobility Group, kusukela kubadayisi abajwayelekile (sales executive), noma abadayisi abasaqeqeshwa (sales cadet).
"Uphoqelekile ukuqeqeshelwa ulwazi olunzulu ngezimoto zethu nezinye, ukuqonda ngokunzulu ngenkampani nemigomo nemibandela yemboni yezezimoto.
"Isithunzi nokuthembeka kuwumgomo-ngqangi emkhakheni wethu ama-influencer asebenza nathi ayakuqonda lokhu.”
Ngabe le ndlela entsha yokudayisa izimoto ngokuqasha ama-influencer niwubona usuyindlela entsha nezoqhubeka noma yinto yesikhashana yokudayisa izimoto kanti lokhu kunomthelela ongakanani kulabo abanesipiliyoni nendlela yakudala yokudayisa?
“Asikungabazi ukuthi lena yindlela umkhakha wethu osuzoqhuba ngayo, futhi nayo isazosimama. Asibacoshi nje labo saziwayo, kodwa bafaka izicelo zomsebenzi ukuze nabo baziphilise nemindeni yabo.
"Ngaphandle nje kokudayisa, imboni yezimoto ngenye ehamba phambili kwezobuchwepheshe, ngakho nathi kumele sihambisane nemikhiqizo yethu ngokuthembeka kumthengi, sitholakale kwezokuxhumana ngokugcwele.”
Abakwa-Halfway Mobility Group, baphethe ngokugcizelela umbono wabo wokuhlanganisa imibono emisha yezobuchwepheshe, ethinta ngqo umthengi wemoto.
Bathi ama-influencer kawathathi imisebenzi yabadayisi bezimoto, kodwa wukuxhumana nabathengi lapho betholakala khona.