08  | Izindaba

Friday, 20 February 2026

Wethuse abaningi efika emcimbini ebhandishe isandla...

UDon Laka uthembisa ulozolo koweSymphony By The Water



Le nkakha ithi phansi amaphaphu...

Image

 Lucky Cain 

YEHLISE amaphaphu abalandeli bayo inkakha yomculo uDon Laka, ngesikhathi ivela ibhandishe isandla emcimbini obuseCrane And Feathers
e-Oceans Mall, eMhlanga ngoLwesibili ebusuku.

Lo mcimbi obuhanjelwe yizicukuthwane zamazinga ahlukene, okubalwa noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko nezemiDlalo KwaZulu-Natal, uMnu Mntomuhle Khawula. Bekungowokunxenxa abantu ukuba bahambele ingqophamlando yomcimbi obizwa ngeSymphony By The Water, ozobanjelwa eMidmar Dam, ngomhla ka-7 kuMashi.

Kulo mcimbi wangoLwesibili uDon Laka oyinkakha yomculo we-jazz, umangaze izicukuthwane etheleka kuwona ebhandishe isandla, kodwa wakwazi ukuzijabulisa. Ekhuluma kulo mcimbi uqale ngokuxolisa ukuthi udlala kanzima ngenxa yesandla sakhe kodwa uyathembisa ukuthi ngomhla ka-7 kuMashi, uzobe esengumqemane.

Image

UDon Laka ungelinye lamaciko azobe enandisa koweSymphony By The Water, eshiyelana inkundla nezinye izintandokazi zabaculi, okubalwa neqembu lomtakabani, iKZN Philharmonic Orchestra, uSiphokazi, u-Ernie Smith, uMthobisi Mthalane, uPinky MaNgcobo Khoza, nabanye abaningi. 

Nezikole ezicula umculo wamakhwaya okubalwa kuzo iLuthando High School, Edendale Technical College nezinye, ngeke zishiywe ngaphandle kulo mcimbi.

Abaphathi bohlelo nguLinda "Mr Magic" Sibiya noDave Guselli.

Kulo mcimbi kuzobe kukhuthazwa uthando, ukugcinwa nokunakekelwa kwemvelo njengoba idlala indima emqoka kwisikompilo labantu.

Amathithiki alo mcimbi ayaqhubeka nokutholakala eWebtickets, kusukela ngamanani ahlukene ajwayelekile kuya kulawo awezicukuthwane.