06 | Izindaba

Friday, 20 February 2026

Image

NGUMPENDULO Dube waseKZN, obeyingxenye yohlelo lukamabonakude, iBig Brother Mzansi, Bazozwa.

Liyaqhubeka nokugawula izembe kwiBig Brother

Lucky Cain

UZOBUYELA esikoleni ayoqhubeka nezifundo zakhe zeDigital Art, uMpendulo Dube, obedume ngesibongo sakhe, ohlelweni lukamabonakude iBig Brother Bazozwa, okhishwe ngeledlule kulolu hlelo.

UDube obalwa nabanye abanikwe ithuba lesibili kule ndlu kaBig Brother, uhlulekile wukuthola amavoti anele, wabe esephuma ngeledlule.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini edlule, wajika emnyangweni wale ndlu, wangalithola ithuba lokungena ngaphakathi kuyona.

Ekhuluma ne
LANGA Lempelasonto, uthe sigcine sifezekile isifiso sakhe seminyaka sokugcina engenile kule ndlu kaBig Brother.

"Ngaqala ukuba nothando lokungena kule ndlu ngesikhathi kunqoba uKhosi Thwala.

"Ngonyaka olandelayo ngangakwazi ukungenela, kwase kuthi ngonyaka owedlule ngajika emnyango ngenxa yokuthi ababengaphakathi bavotela uSipha Lee, kunami," kusho uDube.

UDube uthi zonke izifiso abenazo endlini kaBig Brother zifezekile, akukho azisola ngakho

Uveze ukuthi ngesikhathi ehluleka ngesizini edlule, wazitshela ukuthi sekuphelile ngesifiso sakhe, futhi akasophinde alithole elinye ithuba.

"Ngiyabonga kakhulu ukuthi abantu banikiwe ithuba lokuzikhethela bona ukuthi basafisa yini ukungibona kulolu hlelo, futhi bangivotela," kusho uDube, okuze kwavota umphakathi ukuze abuyele kulolu hlelo kule sizini.

Udalule ukuthi konke abekufisa kule ndlu, kufezekile, futhi akukho azisola ngakho njengoba ekwazile ukuveza ubuyena.

"Ngazitshela ngingena ukuthi ngizoba yimina, ngeke ngizenze omunye umuntu," esho.

Image

Utshele leli phephandaba ukuthi uzizwa ethobekile ngobudlelwano abakhe esengaphakathi kule ndlu, wathi usafisa buqhubeke noma seluphelile lolu hlelo.

Phakathi kobudlelwano athi ubakhile kule ndlu, ngobukaBravo B, amthatha njengobhuti omdala, uMmeli noKokii, obesefana nesithandwa sakhe kulo mdlalo.

Ngasohlangothini lukaKokii, uthe usazobonana naye, kodwa akukho angakuqinisekisa okungaphezulu, okungenzeka phakathi kwabo njengoba sebengaphandle.

Uthe nakuba ebona uThandeka enganqoba kule sizini, kodwa uyameseka uBravo B, futhi unesifiso sokuthi kunqobe yena.

UDube uthi uzosebenzisa izinkundla zokuxhumana ukukhulisa igama lakhe

UDube uthe njengoba esephumile kulolu hlelo, uzimisele nokuqhubeka nokukhulisa igama lakhe, ngokusebenza ngezinkundla zokuxhumana, kodwa okumqoka kakhulu kuyena wukuqhubeka nezifundo zakhe zeDigital Art.

"Okunye nokunye kuzozihlelekela ngokuhamba kwesikhathi," kusho uDube.

Ukubeke kwacaca ukuthi uzifela ngemfashini, futhi uyafisa ukuqhubeka nemisebenzi ehambisana nayo uma iqhamuka.

NgeSonto kulolu hlelo kulindeleke ukuba kube khona omunye noma abanye abakhishwayo kulona.

Phakathi kwalabo abangase baphume, kubalwa uThandeka, uLiema, uMmeli, uTumi The Barber, iThe Don, uTrixie, uDidi, uQue noRamona.

Ukuvota kuvalwe izolo ngoLwesine.