02 | Izindaba
Friday, 20 February 2026
OWAYENGUNGQONQGOSHE weziMboni zikaHulumeni, uDkt Malusi Gigaba (osesithombeni esingenhla), uvele eNkantolo eNkulu eGoli, nabanye ababeyizikhulu zaKwaTransnet, bethweswe amacala enkohlakalo ethinta izigidi zamarandi.
UGigaba, uMnu Brian Molefe, uMnu Siyabonga Gama noMnu Thamsanqa Jiyane, bebephenywa wuphiko oluyisipesheli, okuholele ekutheni bagcine sebeboshiwe, bathweswa amacala.
UGigaba uthi yena umsulwa, futhi uzosebenzisa inkantolo ukugeza igama lakhe.
Owayeyinkosikazi yakhe, uNomachule Mngoma, wageqa amagula, etshela inkantolo ukuthi uGigaba, besashadile, wayeya emzini wezelamani zakwaGupta, esezalifulathela leli zwe, aphume khona noplastiki omnyama, ogcwele imali.
ETHULA ubufakazi ezinsukwini ezimbili, uLwesithathu noLwesine, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni esingenhla), oyiPhini likaKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke, uthi kunabantu abakwipolitiki ababembophela amanqina enyathi, befuna kuphele nya ngaye, nangomsebenzi wakhe.
Ethula ubufakazi kwiKhomishini kaJaji Mbuyiseli Madlanga, uSibiya uthe waxoshwa emsebenzini nguMnu Nathi Nhleko, esenguNgqongqoshe wamaPhoyisa, walwisana nalokhu enkantolo.
Uthi kukhona nabangcolise igama lakhe, bethi ungumngani, futhi usondelene noMnu Cat Matlala, ogqunywe ejele ngecala lokuzama ukubulala owesifazane ayethendana naye.
UMFELANDAWONYE wezinyunyana, iCOSATU, eKZN, uthi uhulumeni mawenze imizamo yokuhlenga inkampani ekhiqiza ushukela, iTongaat Hulett.
Izinhlangano zabalimi zibamba ziyayeka, zizama ukuthola abangahlenga lenkampani ukuthi ingashabalali.
Okhulumela iCOSATU, esifundazweni, uMnu Edwin Mkhize, uthi yinqwaba yezisebenzi ezizolahlekelwa yimisebenzi. Uthi ikati lizolala eziko kubalimi abebethengisela iTongaat Hullet, umoba.
LUPHUME inqina uPhiko loKlebe, e-Eastern Cape, luthungatha owesifazane waKwaZulu-Natal, owaqola abantu e-East London, ngokubajoyinisa uhlelo lokugcinwa kwemali, iphume isiphindwe kaningi.
Kuthiwa lona wesifazane, onguPrincess Mseleku-Ntshangase, wayeba nemihlangano nabantu base-Eastern Cape, phakathi kweminyaka u-2011-2015.
Kuthiwa wanyamalala nemali eningi yabantu.
Kwatholakala ukuthi lolu hlelo lwakhe lokulondoloza imali, "yibhanoyi".
Kuthiwa lona wesifazane wagcina ukubonakala oPhongolo, eKZN.
Abantu uma bembona noma abamaziyo, kucelwa bathinte uLt Colonel Zane Johnson ku :082941 8588, noma uCaptain Gideon Smith ku: 072 580 2538.