Izindaba | 08
Friday, 02 May 2025
Abazoba yingxenye yayo, bazothola nemihlomulo
NGUKHAYAÂ Mthethwa obengelinye lamajaji kuthungathwa abe-Udumo KZN Choir, eThe Playhouse, eThekwini, ngoLwesithathu.
Lucky Cain
ATHWALE kanzima amajaji ngesikhathi kunenhlolokhono yokuthungatha abaculi abazoba yingxenye yekhwaya yeKwaZulu-Natal, ebizwa ngokuthi, Udumo KZN Choir, eThe Playhouse, eThekwini, ngoLwesithathu.
Izinkumbi zabantu abasha ziphume ngobuningi ukuyozama inhlanhla, ngenhloso yokuthi zibe yingxenye yale khwaya, okuvela ukuthi izophinde ibe yisikhungo soqeqesho kulabo abazoba yingxenye yayo.
UNokulungu Ntuli oyi-Choir Co-ordinator, uthe amajaji abhekane nobukhulu ubunzima, njengoba beliliningi ithalente abalibonile kule nhlolokhono.
"Amajaji athwale kanzima impela. Kumele akwazi ukuhlunga agcine ethola abaculi abawu-20 nje kuphela," kusho uNokulunga.
Ubezwela amajaji okubalwa kuwona uKhaya Mthethwa, uMpumi Mtsweni noZolani Mkhize.
Udaba lwale khwaya lwethulwe ngokusemthethweni emasontweni amabili adlule esigcawini sabezindaba eHilton Hotel, eThekwini. Ngesikhathi yethulwa, omunye wabasunguli bayo, uSakhile Thenjwayo, wathembisa ukuthi lena kuzoba yiyona khwaya enkulu ezozinza kulesi sifundazwe. Konke okuzobe kwenziwa kuyona, kuzobe kusezingeni eliphezulu.
Wathembisa ukuthi abazoba yingxenye yayo, bazoba nezinkontileka ezisemthethweni abazosebenza ngaphansi kwazo, futhi kube nemihlomulo abazoyithola zinyanga zonke. UNokulunga uthe ngemuva kwale nhlolokhono, sekuzoqala uhlelo lokuthi abangenile banikwe izinkontileka, bese kuqala ukuzilungiselela.
"Sihlela ukuthi ekuqaleni kukaSepthemba, siyethule ngokusemthethweni emphakathini, njengoba sizoqopha izingoma zethu bukhoma phambi kwabantu," esho.