06 | Izindaba

Friday, 19 September 2025

Image

NGUMCULI kamaskandi uMafikizolo, ozokube eyingxenye yomcimbi wokugubha inyanga yamagugu eNkandla.

Kuvuselelwa ubuntu ngamagugu emphakathini obusoleka kwelomdlwenguli


Kuboshelwe ulozolo lwabaculi kwiNkandla Heritage, ezokuba seBizimali High

LUCKY CAIN

KUZOQINISWA amaxhama okuxhumana okuhle phakathi komphakathi waKwaNgono, eNhloshane, eNkandla, emcimbini wamagugu ozobanjelwa esikoleni eBizimali, obizwa ngeNkandla Heritage.

Lokhu kuzokwenzeka mhla ka-28 kuyona le nyanga. Kuke kwaba nezindaba ezishaqise abantu abaningi zokunubezwa kwabafundi esikoleni esidume ngokwenza kahle kumatikuletsheni, iBizimali High.

Image

UThokozani "Somnandi" Langa naye uzojabulisa abantu kwiNkanda Heritage.

USihlalo wobukhosi bakwaNgono, uMnu Slomo Ntuli, uthe ukuhlanganiswa komphakathi ngale nyanga, bakweseka kakhulu ngoba kuzobe kuvuselelwa ubuntu nokubaluleka kwamagugu esintu. 

“Lezi zigameko ezenzeka kulesi sigodi, zihlukumeza isizwe. Sifuna ukufundisa abantu, siluxoxe lolu daba lokuvikelwa kwezingane ezingamantombazane, nokuthi abafana baqonde isintu neqhaza okumele balibambe emphakathini,” kusho uNtuli. 

Ngakolunye uhlangothi uthishanhloko waseBizimali, uMnu Philani Dumakude, uthe lo mcimbi ngowokwakha ukuzwana phakathi kwesizwe senkosi, nesikole. Uthi ubanjelwa esikoleni sakhe ngoba yisona esigqamisa le ndawo. 

Image

UMJOLISI noNavigator Gcwensa, bakhona ohlwini lwabaculi abazoshiyelana inkundla kwiNkandla Heritage.

“Isikole ngesomphakathi. Lo mcimbi uyigugu kakhulu kubantu ngoba uzovuselela ukubambisana phakathi kwabazali nesikole. Ukuvikelwa kwabantwana esibafundisayo abahlala kuwona lo mphakathi, abanye babo akusibona abakule ndawo, kulele kuwona umphakathi,” kusho uDumakude. 

Kulo mcimbi, kuzokhuthazwa nezintombi ngokubaluleka kokuzigcina, kuyalwe nabesilisa, nomphakathi wonkana.

Kuzoshiyelana inkundla okubalwa kubona uThokozani Langa, uBahubhe, uJaivazimnike, uMenzi, uDumakahle, uGatsheni, uMjolisi, iNkosi Yamagcokama, uFalabo, uNavigator, uMayogathi, uMafikizolo, uNjoko nabanye.

Omama besigekle abaqhamuka ezigodini ezahlukahlukene ngaphansi kwalesi sizwe – okubalwa isigodi uNkomeziphansi, iMfongosi, iSamungu, uThembu, iNhloshane, iSamungu, Isihosha, uDina nezinye – bazobe beshiyelana inkundla nengoma yezintombi.