Izindaba | 04

Friday, 19 September 2025

Image

NGUMKHUZI wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi. 
ISITHOMBE NGABE: EYEWITNESS NEWS

‘UMkhwanazi ulawulwa yithongo indlela aziphatha ngayo’

Lucky Cain

KUBATSHAZWE ukuziphatha kukaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi ngesikhathi evela okokuqala phambi kweKhomishini yeJaji uMbuyiseli Madlanga, eqale ngoLwesithathu.

Ukuqala kwale khomishini bekubhekwe ngabomvu njengoba yasungulwa ngemuva kwesithangami sabezindaba, lapho uMkhwanazi aneka khona izinsolo ngamanyundululu enzeka ngaphakathi emnyangweni wamaphoyisa, nokugxambukela kosopolitiki ekusebenzeni kwengalo yomthetho.

Iningi labantu liqaphele indlela aziphathe ngayo uMkhwanazi kule khomishini, njengoba ezinkundleni zokuxhumana abantu bebabaze ukuqaphela nokuqinisekisa ukuzivikela kwakhe kuyona. Okuqaphelekile ngoMkhwanazi kule khomishini wukuthi akathembi lutho abekelwe khona njengoba ethula lobu bufakazi.

Image

UMkhwanazi ufike eziphathele amanzi akhe okuphuza, wawashaya indiva lawo abebekelwe wona, kanti nesihlalo abebekelwe sona akazange ahlale kusona, wahlala kwesiseceleni, wasondeza sona.

Kuthe ngesikhathi owayeyilungu lePhalamende, uMnu Dennis Bloem, ezama ukumxhawula, akazange akwamukele, kunalokho wambingelela ngokufingqa isibhakela.

Isazi sezamasiko nomelaphi wendabuko uSolwazi Bhedlindaba VVO Mkhize, uhlaziye ukuziphatha kukaMkhwanazi njengolawulwa yithongo lakhe.

Uthe kusukela uMkhwanazi ethatha isinqumo sokuneka lawa 'mahlazo' emphakathini, yilona elamlawula, lamnika isibindi sokuphumela obala.

Image

NGUSOLWAZI Bhedlindaba "VVO" Mkhize.

"Uma ungumuntu omnyama, noma ngabe uyakholelwa noma kawukholelwa, kodwa kunezwi elisilawulayo, kanti esikhathini esiningi lelo zwi kusuke kuyithongo, likhuluma nawe.

"Kuya kuwena ke ukuthi ukhetha ukulilalela noma ungalilaleli. Yingakho kwesinye isikhathi siba nezimfihlo esizaziyo kodwa ngenxa yokwesaba, sigcine sifa nazo, kanti uma ithongo likunika isibindi, yilona elikugadayo, ukwazi ukuphumela obala," kusho uMkhize.

Ngakolunye uhlangothi, umhlaziyi wezepolitiki, uSolwazi Zakhele Ndlovu, wase-University of KwaZulu-Natal, uncome ukuqaphela uMkhwanazi anakho kule khomishini.

Uthe ukuziphatha kwakhe kukhombisa ngokusobala ukuthi ungumuntu oqeqeshwe ngokwenele, futhi uyakuqonda akuphethe ukuthi kubucayi kangakanani.

Image

NGUSOLWAZI Zakhele Ndlovu wase-UKZN.

"Uyazi ukuthi ngokuphumela kwakhe obala, uthinta abantu abayingozi kangakanani, kusukela kosopolitiki kuya kosomabhizinisi. Ngakho wenza kahle angathembi lutho olubekwa phambi kwakhe," kusho uNdlovu.

UMkhwanazi njengoba ethula ubufakazi phambi kwale khomishini, ubalula amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nosomabhizinisi abasolwa ngokuthinteka ebugebengwini, nokuphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa.