21 | Ezemidlalo
Friday, 19 June 2026
NGUSIBUSISO Kubheka.
Mzwamandla Zondi
UTHEMBISA ukubuya ngelikhulu ishodi kwiComrades Marathon yangonyaka ozayo uSibusiso Kubheka weXcel Running Club, ogeje kancane ukuthola indondo yegolide nonyaka ephuma unombolo 12 ekubeni ebeqala ukubamba iqhaza kulo mjaho.
Umjaho wanonyaka ubungeSonto eledlule usukela eThekwini, wasongwa eMgungundlovu kanti izingqwele zawo kube nguGeorge Kusche weNedbank Running Club - oqede sekukubi - kwathi uGerda Steyn weHollywoodbets AC wadla ubhedu kwabesifazane.
Bobabili babeke amarekhodi amasha ngokwahlukana kobulili.
Kuzokhumbuleka ukuthi uKusche unqoba lo mjaho nje, eqala ukuwugijima nyakenye, wangena unombolo 12.
UKubheka waseMtshezi, ekhuluma neLANGA Lempelasonto, uthe ujabule ngokungena unombolo 12 njengoba ebeqala ukugijima lo mjaho omkhulukazi emhlabeni.
"Ngijabule ngokungena unombolo 12 kwiComrades, yize bengiqala ukuyigijima. IComrades ingomunye wemijaho enzima emhlabeni.
"Bengingakulindele lokhu okwenzekile. Ngiyacabanga ukuthi bengizokuba nomjaho omuhle kakhulu ukuba kangibanga nezinkinga ngasekuqaleni konyaka.
"Ngesikhathi lo nyaka usaqala, bengilimele, okuholele ekutheni ngingayigijimi eminye imijaho ebengifisa ukubamba iqhaza kuyona, ukulungiselela ngayo iComrades. Ngibe nezinyanga ezimbili kuphela zokuziqeqesha, ngenxa yokulimala.
"Lo mjaho bewushesha kakhulu, kanti kuningi engikufundile kuwona. Ngibe nenkinga yokuqwala izintaba ngoba bengingazicijanga kakhulu ngazo. Kodwa-ke, noma kanjani, ngiyabuya ngonyaka ozayo.
"Ngikholwa wukuthi ngizokwenza kahle kakhulu emjahweni wekhulu wangonyaka ozayo," kusho uKubheka oqeqeshwa nguXolani Mabhida.
Lo msubathi uqophe umlando ngo-2025 enza isikhathi esingaphansi kwamahora ayisithupha kwi-100km e-Italy, okuyinto ebingakaze yenziwe muntu emhlabeni.
UKubheka uphethe ngokuthi ujabule ngokuba ngumsubathi wesibili waKwaZulu-Natal ukuqeda lo mjaho, okumenze wahlomula ngo-R48 400, kanti umgijimi wakulesi sifundazwe oqede kuqala kube nguMbuti Mollo, ogoduke no-R77 000 kwathi uNkosinathi Duma wangena isithathu wagoduka no-R24 000.
Kwabesifazane kube nguJenet Mbele oqede lo mjaho kuqala, walandelwa nguJenna Challenor, kweza uGabrielle Webber.