09 | Izindaba
Friday, 19 June 2026
Mthokozisi Dlomo
UZITHINTELE izibonkolo uNkk Sindisiwe Chikunga (osesithombeni esingenhla), ongungqongqoshe obhekelele ezabesifazane, intsha nabaphila nokukhubazeka ehhovisi likamengameli, ngenkulumo yakhe ethi, ngaphambi kuka-1994, abantu baseNingizimu Afrika "babengenawo amakhono okuziphilisa embonini yezokwakha".
UNkk Chikunga ubebuzwa yintatheli yeSABC mayelana nokwehluleka kweConstruction Education and Training Authority (CETA), okuyinhlangano kahulumeni ebhekelele umkhakha wezokwakha, mayelana nokuthi kuwona kudla kakhulu abokufika (abanye babo abangenazo izimvume), kunezakhamizi.
"Emiphakathini yabantu abamnyama, babengekho abantu abakwazi ukwakha, mhlawumbe babekhona kwabamhlophe. Emphakathini wangakithi besingenaye ngisho umuntu okwazi ukubeka isitini, ngoba sasingavunyelwe ukwenza lokhu.
"Besingenayo imfundo ebingasinikeza amakhono anjengalawa," kusho uNkk Chikunga, echitha umbono wentatheli wokuthi ngeminyaka yama-90s, kulo mkhakha kwakugcwele abomsinsi.
Abaningi bebethi ungqongqoshe ushaye isikhala ngale nkulumo, ikakhulukazi njengoba imimoya isephezulu ebantwini abaningi, mayelana nendaba yabantu bokufika abasezweni ngokungemthetho, abagcina sebeqashelwa imisebenzi engenziwa ngabakuleli.
Bathi le misebenzi ibingenza sibe sincane kakhulu isibalo sabantu abangasebenzi ezweni.
Ngemuva ngokugxekwa kwenkulumo kangqongqoshe, umnyango wakhe ukhiphe isitatimende ukubhula umlilo.
Uthi i-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana inqanyuliwe, okwenza yakhe isithombe okungeyisona ngabekusho.
"Ungqongqoshe ubeveza ukuthi uhulumeni wobandlululo ububancisha abantu abampisholo amathuba okucijwa amakhono ukuze babe neqhaza kwezomnotho, kodwa kwashintsha konke lokhu ngokufika kukahulumeni wentando yeningi," kusho isitatimende.
Kusabalale izithombe zakudala ezikhombisa abantu benza imisebenzi yokwakha, ukuphikisana nokushiwo ngungqongqoshe.