21 | Ezemidlalo
Friday, 19 December 2025
NGUBONGUMUSA Mthembu (okwesobunxele) okukhanselwe umjaho wakhe.
Mzwamandla Zondi
EZIBUHLUNGU kubasubathi abazinze maphakathi neKwaZulu-Natal kukhanselwa ama-training run amabili kaDecember, obekufanele abe ngesonto lokuphela kwale nyanga.
La ma-training run abesetshenziswa ngabasubathi ukulungiselela ukuqala konyaka olandelayo, kwazise abanye bathi kunzima ukwenza i-long run uwedwa.
I-training run ebihlelwe nguBongumusa Mthembu - phakathi kweBulwer neMpendle (60km) - kuthiwa ngeke ibe khona nonyaka.
Lo mjaho ubusiza abasubathi abaningi ukufaka i-mileage emizimbeni ukuze kufike unyaka ozayo beqatha. Ibingenelwa ngabasubathi abaningi abaphuma ezindaweni ezahlukene, ikakhulukazi abasuke bezogijima iComrades Marathon neTwo Oceans ngokwehlukana.
UMthembu ebuzwa nge-training run yakhe, akaphumelanga obala, uthe lo nyaka bewunzima kakhulu.
Uthe omasipala abamsizayo okuyiMpendle neDr NDZ, bamatasa njengoba uMgungundlovu ubusingethe iSalga Games.
Enye i-training run okuthiwa ngeke ibe khona, yiKarkloof Gravel 50km ebidlalelwa eMgungundlovu minyaka yonke.
NGUBONGUMUSA Mthembu.
Abadidiyeli bayo bazise abagijimi ukuthi ngeke babe nayo.
Esitatimendeni abasikhiphile, bathe bacela abagijimi ukuba baqhubeke baziqeqeshe njengoba bezokuba nawo amanye amaningi ngonyaka ozayo.
* Abasubathi baseZululand bazokhiphana inkani kuLundi Training Run ngoLwesibili lapho okuzokube kugaduliswana kwi-60km, kwi-30km nakwi-15km.
USfundo Mbuyisa ongomunye wabadidiyeli balo mjaho, uthe konke sekumi ngomumo ngawo. Uthe umeme abasubathi abakhele iZululand ukuba baphelele ngobuningi babo kulo mjaho.
Uthe ukwenza ama-long run ngoDecember kuyasiza, wathi kwenza umsubathi agijime kahle ngonyaka olandelayo.