15 | Izindaba

Friday, 19 December  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

IChiefs yeshela inkakha yomqeqeshi. Baphawule kanjena abafundi bethu kwiFacebook:

Image

01


Sfiso Buhle Vilakazi:

VELE sesi-ryt ngenkakha katolika, uma iyotolikela abanye phambili. I so wish beningabuyisa uZwane. Namxosha esalakha iqembu, ngabe likude manje.

02


Lindo Ngidi:

NGEKE abasize ngalutho umqeqeshi kusadlala oDu prease noPule Modi, abadlali ababozayo laphaya.

03


Bongani Menzy:

AKUNQENI njalo kuvese kuthi vumbu uMiddendorp laphaya eNaturena, ninye nyii.

04


Xolanisbuh Mhlongo:

MANJE akabaqomi namanje? Kulungile-ke sizo-charma ngeSuzuki yomakhelwane ngoba akachazeki ngamaToyota ethu. ✌️✌️✌️

05


Mbongeni Dlamini:

BASASHELA olamthuthu, lishonile ilanga. 🤣

06


Bongani Mandiwana:

UBANI leyo nkakha admin?

07


Musa Manqoba Mkhonto:

NISHO uSteve Komphela lo enamxosha?

08


Sphelele Mzulwini:

MASETHEMBE ukuthi nguGavin Hunt. 🙏

09


Ntemnandi Manyosi:

NGOBA ingafuni nje ukuthenga abadlali.

10


Vella King Nhlenyama:

MANJE nifuna size sinibuze negama lakhe?

11


Nkalakatha Nkalakatha:

UZOZWA kuthiwa nguGavin Hunt. Futhi ngoba okwethu!!!!

12


Ayanda UMzukulu KaNomasekeni Nzama:

ASIKHO isicoco ongasithatha ngezinkakha. Bahlulwa yini ukushela uClinton Larsen noma uJose Riveiro. Siyawazi amagalelo abo. Nazi izinkakha oGavin Hunt zixoshwa ngapha nangapha. Imiphumela kayizivumi. 🤭

13


Thakasile Mahlobo KwaMngani:

OKUSALAYO lowo mqeqeshi inhliziyo yakhe isakuPirates.

14


Bayanda Thabani Mthembu:

SEBEYASHELA futhi? 🤣 Ngangithi baqonywa yisithembu nje? 🤣

15


Thandazani KaMfuluvesi Sgombe:

ICHIEFS ayime ukungixina, ngisazocabanga.