11| Ezikaqedisizungu 

Friday, 19 December 2025

Image

Nkosazana ngiyakumema uzobhukuda nami kwelikabhanana, uzobona amagagasi agxumagxumayo. Ngizimisele ukuncenga undunankulu avale noma yingxenyana yolwandle ukuze singaphazanyiswa. Ngifuna ungibukele eduze ngalawo mehlo engathi abuka mina ngedwa.

 Hhola Mntwana!

Ngiyafisa ukuthi ngelinye ilanga, ungibize ngamagama amnandi ❤️🧡💛

Image

 Lesi sibabuli ngu-Inno Morolong, oke wabonakala ohlelweni oluthi, Slay Queens nakwiDiamon and Dolls. Yintokazi yaseGauteng engazibekile phansi ekuzakheleni imali njengoba iyi-club hostess,
i-influencer kanti ingenile nakwezamabhizinisi.

Image

 We-Inno ngithi kuwe zala abantu ziye ebantwini gojasi. Ukukubona nje kuyayithoba inhliziyo yami, kunginika nethemba lokuthi ngo-2026 uzoba ngowami. Ngiyafisa nje ukuthi ngelinye ilanga ungibize ngamagama amnandi.