21 | Ezemidlalo
Friday, 18 July 2025
NGU-HANS Vonk owayengunozinti weBafana Bafana.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Nhlanhla Hudla
OWAYENGUNOZINTI weBafana Bafana, uHans Vonk, uzwakalise injabulo ngakubone ekhempini yeKaizer Chiefs njengoba igobe amadlangala eNetherlands, lapho izicijela khona ukuqala isizini ka-2025/26 iwupelepele.
IChiefs izoqala ukukhombisa abalandeli bayo ukuthi ibaphatheleni ngesizini ezayo ngomdlalo weToyota Cup ezowugijima ne-Asante Kotoko yaseGhana ngoMgqibelo womhla ka-26 wale nyanga, ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Amathikithi alo mdlalo aseqalile ukudayiswa, abiza u-R80.
IChiefs isiyiqedile imidlalo yayo yokuzifudumeza ebiyihlelelwe kuleliya lizwe ngesikhathi iguqiswa yiFC Twente ngo-2-1 ngoLwesithathu.
KUSUKA kwesobunxele nguSibongiseni Mthethwa, nguNkosingiphile Ngcobo - uVonk athi uchazekile ngendlela abadlala ngayo - noWandile Duba.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UVonk uthi kuningi okuhle akubone eziMpofaneni, akholwa wukuthi kuzokwenza zingabambeki kule sizini ezoqala.
Okumchaze kakhulu uthi yisitayela sezinga eliphezulu asibone sisetshenziswa ngabaqeqeshi bale kilabhu ukucija abadlali.
Uthi imiphumela yemidlalo yesihle egijinywe yiChiefs eNetherlands, kayisho lutho kangako ngoba obekumqoka wukubona ukuthi abadlali abasha bahlangana kahle yini nalabo asebemnkantshubomvu kule kilabhu.
Phakathi kwabadlali agagule amagama ukuthi uchazekile ngabebekwenza enkundleni, kukhona uNkosingiphile Ngcobo olihlikihla esiswini noNkanyiso Shinga waseMlazi ogijima kwesobunxele emuva - osanda kusayina kuyona, ephuma ePortugal - kanjalo noSibongiseni "Ox" Mthethwa naye odlala esiswini.
Uthi le khempu yeChiefs inike abadlali bale kilabhu isipiliyoni abazosidinga kakhulu kule sizini ezokwethwasa.