06| Izindaba
Friday, 18 July 2025
NGUNKZ Thobile Mhlongo ongumnikazi wendawo yokucwala i-Awesome Nails Craft, ekwaBester, eNanda. Lapha ubetshengisa ngobuciko obenziwe yizandla zakhe.
Izithombe ngu: Mpume Sibiya
Ukhule ezipenda amashiya ngelahle, eziphophotha ngomlotha
Mpume Sibiya
UKUPHELELWA wumsebenzi kubuyise intshisekelo yokufeza iphupho lakhe leminyaka emkhakheni wezobuhle.
UNkz Thobile Mhlongo waseNanda Glebe, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ukuphelelwa wumse-benzi ngo-2013, kwiNyameko Construction, kuvuse ugqozi lokuqala kabusha empilweni, nokuzama ezinye izindlela zokuphila.
Ugcine ephumelela ukuqala ibhizinisi lokucwala izinwele, yizinzipho nokuphaqula, elibizwa nge-Awesome Nails Craft, elikwaBester, eNanda.
Ngokusho kwakhe, ubehlale efisa ukungena emkhakheni wezobuhle (beauty), kodwa abazali bemnqabela, bethi kawuyingenisi imali.
Le ntokazi ikhulele eNdwedwe Mission, yafunda ezikoleni zakhona, yadlulela eMadlokovu High, yase idlulela eVukuzakhe High, eMlazi lapho iphothule khona umatikuletsheni.
Sekuphela iphalishi (umsebenzi), ithi yilapho inqume khona ukubhalisela izifundo zeBeauty.
"Bekulokhu kusenhliziyweni yami ukwenza lezi zifundo, ngathola ne-internship kuzona.
"Besiqeqeshwa ukwenza amakilayenti ubuso, siwaphaqula abe mahle, nakho konke okuthinta ubuhle. Ngibe sengiqala ukuzisebenza," esho.
Uthi indlela ehehayo yena abeziphaqula ngayo, yiyona ebimtholela amakilayenti.
UNKZ Thobile Mhlongo ekhangisa ngomsebenzi wakhe kwiKwaMashu Business Fair, ebisekuqaleni kwalo nyaka.
Ubeshintshana nothisha ukufundisa i-Art ekilasini
Uthe ukhule engumuntu oyinakekelayo indlela abukeka ngayo.
Ezifundweni abezenza ebezihlanganisa ne-Art, okuwubuciko bokudweba nokupenda, uthi yilapho ethole isipiliyoni esanele, wagcina efundisa izingane ukudweba kwesinye sezikole, eshintshana nothisha ngama-period okufundisa.
Ngokusho kwakhe, ngisho indawo asebenzela kuyona, ihlotshiswe nguyena ngobuciko bakhe.
Ngonyaka odlule uNkz Mhlongo uke wathola ithuba lokukhangisa ngomsebenzi wakhe e-Oceans Mall, eMhlanga.
Njengosomabhizinisi osakhula, uthe zikhona izingqinamba abhekana nazo, kodwa uyazama ukumelana nazo.
Uthe uyakujabulela ukuthola amathuba okukhangisa ngomsebenzi wakhe, abawahlinzekwa wuMasipala weTheku.