Ezikaqedisizungu | 10

Friday, 18 April  2025

Woza Nazo Mzala!

Image


  Hhohhe! Ngiyazisa ngengane
yakwaCardoso...


KUYADABUKISA okwenzeka kwiMamelodi Sundowns. Yebo yinto eyaziwayo ukuthi onondweba balapha eMzansi badume ngokwenza amaphutha. Kuthiwa ubonga uma sekufike ithuba lakho lokubhenefitha.

Kodwa okubuhlungu ngamaSandawana, sengathi abhenefitha emidlalweni yeligi, kuthi emidlalweni emqoka yomkhumulajezi kubhenefithe abanye. UMzala ngeke asho lutho ngendaba yephenathi kanjani kanjani... ngeke usenza lutho ngobisi oluchithekile. Futhi kuthiwa onenkinga akayovula icala emaphoyiseni.

OkweDowns ngikufanisa nomfana oshaywa ngabafana, bemhlanganyela, athi uma ekhala eyosho kubo, uyise amnezezele ngebhansela yesibhaxu. Kuthi sekubonakele ukuthi benze iphutha onondweba, khona kunjalo, iqhume inkalivasi kubaqeqeshi. Hhohhe! Ngiyazisa ngengane yakwaCardoso. 


Image


 
Yaze yasilaya iChina...

YAZE yasiyala iChina ngalama video ebiwenza
ku-social media, iveza ukuthi amalebuli abizayo ayatholakala kubona.

UMzala ukubonile ukuthi abantu baseMzansi bayathanda ukubukwa, inkinga imali kabanayo. Yeyi angikaze ngibone abantu besangana ngale ndlela, befuna amalebuli abizayo oGucci, oDior, oLV nama-weave abizayo....cha ngiyanivuma bahlali ningothathekile.

Ngizwile-ke nabanikazi bomswenko sebekhononda, bethi abantu bangazitsheli ukuthi bagqoke okubizayo kube kuvela eChina, i-quality kayifani. Kwasha kwacima! He....he...he hhayi futhi nina!!

Kodwa nithi niyazi ukuthi iningi lezimpahla enizigqokayo ziqhamuka khona impela kwelase-China? Lamazinga empilo eniwathandayo azonehlula, wayekeni.


Image


NguNgqongqoshe wezeMpilo kuzelonke uDkt Aaron Motsoaledi.



  Akuqale wena  Motsoaledi uyolala eMshiyeni, eBhara  noma eMagandhi... 


YAZE yahhema kamnandi le nsizwa yakwaMotsoaledi. Kuthe ngisazicofozela iselula yami, ngipheqapheqa ezinkundleni zokuxhumana ngazithela kwi-video kaNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi.

Kule video udokotela ubekhuluma isiNgisi esikhulu, egxeka le yokuthi izikhulu zikahulumeni zilashwa  ezikhungweni zokwelapha zakwamanye amazwe.

Uthi ukuhamba kosopolitiki beyolashwa kwamanye amazwe, kwakha isithombe esibi ngezwe lethu.

Yinto osekuneminyaka leyo ikhulunywa. Uqhamuka kuphi we mfo kaMotsoaledi, nathi siye khona? Kodwa-ke njengenhloko yomnyango, uma uwethemba umsebenzi owenzayo  ezikhungweni zezempilo kuleli, akuqale wena uvale leyo Medical Aid, bese uyolala eMshiyeni, eBhara noma eMagandhi. Siyozwa ngawe ukuthi uphatheke kanjani.


Bosopolitiki, anoke nijwayele ukuzihambela izikhungo zezempilo, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya, nifike nihamba nodwa nje ningabikile ukuthi niyeza, nizibonele isimo ubunjalo baso. Niyeke ukukhuluma kakhulu uma senibona umbhobho.