08 | Izindaba

Friday, 17 July 2026

Image

YIZIMENYWA ebezibumba amabhungu ngempelasonto eyedlule, eSobakhona Community Hall, eMbumbulu.

Libunjwa liseva ngeSibaya Samabhungu

Thandi zondi

INHLANGANO egqugquzela ukuziphatha kwabesilisa i-uMhlaba uHlangene, isukume nomkhankaso wokukhulisa nokufundisa izinsizwa indlela yokuziphatha emkhankasweni wayo obizwa ngeSibaya Samabhungu.

ILANGA Lempelasonto
  likhuluma noMnu Ntokozo Ndlovu, ongumkhulumeli wale nhlangano, uthi inhloso yalo mkhankaso ogxile kakhulu eMbumbulu, wukuhlanganisa abafana abasakhula, ukuba babe wusizo emphakathini.

"Lona wumkhankaso wokufundisa kabanzi abafana abasakhula  ngokukhetha izifundo, ngosikompilo lwamabutho, olobunsizwa nokuba yindoda nokuthi kumele baziphathe kanjani.

"Sibafundisa ngokuhlaba imfuyo, inhlonipho, ukuvunula, ukuhlabelela amahubo, ukugida ijadu, nokunye okubalulekile ngamabutho.

"Lokhu sikwenza ngoba kuyinselelo yethu njengamabutho ukuba silondoloze, sigcine umlando wamabutho, siqoqe nefa laKwaZulu ukuze amabutho aselamayo, afice konke lokhu kumiswe ngendlela efanele.

"Sifuna uma efika (amabutho abelamayo) nawo alusingathe lolu siko loyisemkhulu, alunambi- the ngendlela yalo ukuze isizwe sakithi singalahlekelwa ngamagugu aso, okubumba isizwe sihlangane, sihlonishwe, futhi sethenjwe," esho.

Bafuna lo mkhankaso udlulele
nakwezinye izindawo

Uthi kuyisifiso sabo ukuthi lo mkhankaso ungagcini eMbumbulu kuphela, kepha bavakashele nakwezinye izindawo nasezikoleni zamabanga aphezulu.

"Sesiwuqalile umkhankaso lapho sizoqoqa bonke abafana abafunda kuwona wonke ama-high school eMbumbulu, sibahlanganise ndawonye.

"Sizomema izinduna, amakhosi, osomabhizinisi nabadidiyeli ukuba bazosidodisa ngezihloko ezahlukene, ngobunsizwa, ngokuba sebuthweni nokuba yindoda nje uqobo.

"Okunye okubalulekile wukuthi laba bafana kumele sibeluleke ngokukhetha izifundo esikoleni nasezikhungweni zemfundo ephakeme," kusho uNdlovu.

Kuningi abahlose ukukuzuza ngomkhankaso obizwa ngeSibaya Samabhungu

Le nhlangano yamabutho ngempelasonto eyedlule ibihlanganise izinsizwa eSobonakhona Community Hall, eMbumbulu.

Phakathi kwezinto abahlose ukuzizuza:

- Wukuthola izindlela ezingaqhakambisa ubuciko entsheni.
- Wukuthola izindlela zokuvuselelwa kwezingoma zomdabu.
- Wukuzama ukuvuselela ubuntu ngokusebenzisa ubuciko nendabuko yethu.
- Wukuveza ukubaluleka komsebenzi obhaliwe nomlando.
- Wukuveza izizathu zokulondoloza umlando wethu, ngamahubo nejadu.
-Wukuveza ukubaluleka kokuthi siziqophele umlando wethu.
-Wukuzinika ithuba eliyimvelakancane lokuthuthukisa ulwazi lwethu.
- Wukuthola ukuthi ubuciko namasiko kungabahlanganisa kanjani abantu abasha.
- Wukusetshenziswa nokukhuthaza izindlela zobuciko ezifana nokubhala, izibongo, imidlalo
yeshashalazi nezingoma.