06 | Izindaba
Friday, 17 July 2026
NGUMNU Themba Njilo ophethe ihawu, weThemba Njilo Foundation, nentsha ahambe nayo waya eSpain, ukuyoqhudelana namanye amazwe ngomdanso.
Kuqhakanjiswa imidanso yamazwe
Mthobisi Sithole
UHLOSE ukuvulela intsha yakuleli amathuba empilo engcono kwamanye amazwe omhlaba kwezobuciko ukuze iqhakambise okwakulelizwe.
UMnu Themba Njilo, weThemba Njilo Foundation, uqoqe intsha ngaphansi kwesiqubulo sakhe esithi, "Pride of Afrika", wayihambisa eSpain, emqhudelwaneni obizwa ngeWorld Folk Dance Competition.
Lo mqhudelwano wamazwe okuqhakanjiswa kuwona imidanso yamazwe ahlukene, uqale mhla ka-13 kuyona le nyanga, kuyoze kube wumhla ka-19.
UMNU Themba Njilo okwesokudla, uthi umdanso ngenye yezindlela asiza ngayo intsha ingangeni ezidakamizweni nasebugebengwini, futhi uyitshengisa ukuthi kuyaphileka, wenze imali ngokudansa.
UMnu Njilo utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi lolu hlelo lwakhe ulwenza ngaphansi kweThemba Njilo Foundation.
Uthi uqoqa intsha ukuze ubuciko bayo buyiphilise, kuvuleke amathuba empilo engcono.
Uthe ukuqoqa intsha ukuqale ngo-2010, eyikhuthaza ukuba yenze imidanso yesintu.
"Lolu hlelo lokuhlanganisa izingane zengoma ngiziqeqesha, sekunesikhathi eside ngilwenza, njengoba sekuvuleke amathuba okuthi sikhombise amanye amazwe esikwenza ezweni lethu.
"Ngiyafisa ukuthi uhulumeni wethu usondele eduzane, ulule isandla ngoba sidonsa kanzima emalini.
"Bekunzima nokufika eSpain, ngenxa yezindleko zohambo, wukudla nokunye"
"Bekunzima nokufika eSpain ngoba abantwana kumele badle, izindleko zokuhamba nokunye okuningi," kusho uNjilo.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi sekukhona intsha yakuleli ethola izinkontileka kwamanye amazwe, zokuthi ifundise imidanso yaseNingizimu Afrika.
Uthi uhlelo lwakhe inhloso enkulu ngalo wukuthi intsha ikhishwe ezidakamizweni nasebugebengwini.
"Abanye abantwana bengaphila ngobuciko bokugida, nokufundisa kabanzi ngemidanso yethu kwamanye amazwe, ngoba izwe lethu liyathandwa kakhulu emazweni omhlaba," esho.
Kulo mqhudelwano kuboshelwe amazwe awu-60.
NGABAMELE amazwe ahlukene abaqhudelanayo eSpain.
Uthi sebekwazile ukuvakashela amazwe okubalwa kuwona iFrance, iPortugal namanye. Uthi njengoba bevakashe eSpain, sebethole isimemo sangonyaka ozayo sokuya e-Italy.
"Angisabi ngalolu hlelo ngoba lwenza abantwana babone ukuthi kuyaphileka ngale ndlela," esho.
kulo mqhudelwano wemidanso yezingoma zesintu, basebenzise nengoma ethi, "Uyoncengwa uNyoko" yomculi kamaskandi uMafikizolo.