05 | Izindaba
Friday, 17 July 2026
NGUMNU Sfiso Gwala (34), obevele eNkantolo yeMantshi eMlazi, ngoLwesithathu, ongasifakanga isicelo sebheyili, njengoba izihlobo kuthiwa zinqabile ukuhlala naye.
Skhosiphi Mthembu
USHAYE ungqimphothwe, wanqaba ibheyili emuva kokuba izihlobo zakhe zinqabe ukuba ayohlala nazo, owesilisa osolwa ngokubulala owesilisa abesemgwaza okwesibili kulo nyaka.
UMnu Sfiso Gwala (34), ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoLwesithathu, ngecala lokubulala uMnu Mzwandile Mbhele (42), okuthiwa ubesemgwaza okwesibili kulo nyaka, wagcina ngokumbulala.
NgoLwesithathu, bekulindeleke ukuba afake isicelo sebheyili, kodwa wagcina esihoxisa, wanqaba ukuqhubeka naso kulandela ukuba izihlobo abebhalise amakheli azo ukuba angayohlala nazo uma ededelwa, zinqabile.
ILANGA Lempelasonto ngeledlule libike kabanzi ngalolu daba, okuvele ukuthi lwenzeka endaweni yokucima ukoma kwa-D, eMlazi.
Umufi nomsolwa kuthiwa bake baxabana ngoFebruary, eyasuswa wukuthi umsolwa wafica umufi ehleli nabangani bakhe nowesifazane othandana naye (umsolwa), wabasola ngokuthi bayathandana.
Ingxabano yabo kuthiwa yaholela ekutheni uGwala agwaze umufi, kodwa wasinda.
Emuva kwesikhathi kwenzeka lesi sigameko, kuthiwa uGwala uphinde wafica umufi ehleli nabangani bakhe kuyona le ndawo yokugcima ukoma, wangena ngaphakahi, wamgwaza kubuka abantu, maqede washaya wachitha.
Sibike ukuthi emuva kokubaleka isikhathi, ubuyele kubo uGwala amalungu omndeni wakhe abe esemqhuba emyisa emaphoyiseni, waboshwa.
NgoLwesibili amalungu omphakathi aphume ngobuningi bawo enkantolo, eyokweseka umndeni wakwaMbhele. Lokhu kuthele izithelo ezinhle njengoba uGwala egcine ekulaxaza ukufaka isicelo sebheyili.
Kuvela ukuthi ulaxaze isicelo sebheyili nje, ubesechithwe yizihlobo nomndeni wakhe, abakubeke kwacaca ukuthi kabasamdini njengoba abebhalise amakheli amabili, elakubo nelezihlobo abengaphuma ayohlala kuzona uma ethola ibheyili.
UNkz Silindile Ntshangase ongunina wezingane zikamufi, uthe bajabule kakhulu ngokuthi uGwala aqhubeke nokugqunywa ngaphakathi, njengoba kusaqhubeka icala.
"Izihlobo zakhe abethi uzoyohlala nazo zinqabile. Ngithanda nokudlulisa ukubonga emalungwini omphakathi abenathi kulesi sikhathi esinzima," esho.