04 | Izindaba

Friday, 17 July 2026

Image

Umnqamulajuqu wokubhaliswa kwemishado yesintu

Thandoluhle Ngubo

BANIKWE umnqamulajuqu wokuphela kwenyanga ezayo ukuba bayobhalisa ngokusemthethweni imishado yabo kwaNdabazabantu, abakuleli abashade imishado yesintu.

Lokhu kuvezwe wuMnyango wezaseKhaya, othi yonke imishado yesintu engaphansi komthetho i-African Customary Marriage Act ka-1998, kumele ibe isibhaliswe ngokusemthethweni ngomhla
ka-31 ku-August nonyaka.

Lo mnyango uthi kubaluleke kakhulu ukubhaliswa kwale mishado.


"Ukubhaliswa kwayo kubaluleke kakhulu ngoba kwenza kube lula ukuthi kulandelwe zonke izindlela zomthetho, (abaganene) bathole namaphepha afanele afana nesitifiketi somshado nokunye.

Image

"Kuyiqiniso ukuthi imishado yesintu isemthethweni uma kulandelwe yonke imigudu efanele, kodwa noma isemthethweni, isuke ingabhalisiwe," kusho umnyango.

Uthi abafisa ukubhalisa imishado yabo, kumele baye emahhovisi akwaNdabazabantu, behamba nofakazi basemindenini yomibili.

Kumele baphathe omazizi, izivumelwano zamalobolo (uma zikhona), bagcwalise iphepha i-BI-1699, bese behlinzeka ngezizathu ezaholela ekutheni bangayibhalisi imishado yabo phambilini.

Image

Umnyango uyobe usubahlinzeka ngesitifiketi somshado.

Udaba lwemishado yesintu luke lwaba sematheni ngasekuqaleni konyaka, ngesikhathi iNkantolo yoMthethosisekelo inquma ukuthi umshado wesintu, uwumshado ohlanganisa amafa.

Kuleso sinqumo, yaveza ukuthi umuntu oselobolile ngisho ngabe akakaqedi, uthathwa njengoseshade umshado wesintu.

Kwaphinde kwavela kulesi sinqumo ukuthi phambi komthetho, umshado wesintu uyalingana nomshado omhlophe.

Lesi sinqumo sashayelwa kakhulu ihlombe yizakhamizi zakuleli, okubalwa kuzona izazi zomthetho nezamasiko.

Isazi samasiko uSolwazi Jabulani Maphalala, satshela leli phephandaba ukuthi lesi sinqumo sekunesikhathi eside silindelwe.

Wathi lesi sinqumo sizoba wusizo olukhulu, njengoba sizolekelela ekuqinisekiseni ukugcinwa kwamasiko esintu.