02 | Izindaba

Friday, 17 July 2026

Ezifingqiwe


01


Image

INingizimu Afrika ikhala ngokuboshelwa amanqina enyathi wuhulumeni waseGhana

IHHOVISI likaMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, lithi likhathazekile ngokuboshelwa kwelakuleli amanqina enyathi yizithunywa zikahulumeni waseGhana, ezisabalalisa okungelona iqiniso odabeni oluthinta abokufika abakuleli ngokungemthetho.

Lokhu kuvezwe ngumkhulumeli waleli hhovisi, uMnu Vincent Magwenya, ngoLwesithathu.

UMagwenya uthi sekuyisikhathi eside uhulumeni wakuleli uqaphele ukuthi kunemikhankaso ehleliwe yokuvalelwa ngaphandle kweNingizumu Afrika yidlanzana labantu abasola uhulumeni ngokuvuma imibhikisho yezakhamizi zakuleli, yokuxosha abokufika abakuleli ngokungemthetho.

"Uhulumeni uhlale uyikhuza imibhikisho enodlame nokulinyazwa kwempahla yabokufika, kodwa futhi uphinde uqinisekise ukuthi abokufika bakuleli ngokusemthethweni, futhi bayayilandela imithetho.

"Ukukhathazeka kwethu kulethwa kakhulu yihhovisi lesithunywa saseGhana. Izithunywa zethu sezixhumanile naleli hhovisi, zicela ukuba kuqinisekiswe izindaba ngaphambi kokuba zisakazwe emphakathini," esho.


02


UMnyango wezemiDlalo ucacisa
ngo-R31 million osetshenziswe kwiFifa

UMNYANGO wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, ucacise ngetshe lemali okuthiwa uyisebenzise ngokuhambela imidlalo yeNdebe yoMhlaba yakulo nyaka ebisemazweni amathathu okuyiMexico, yiCanada neMelika.

Lokhu kulandela isikhalo samaqembu ezombusazwe ePhalamende ngokusetshe- nziswa kwemali ecela ku-R31 million, ukuhambela le midlalo.

Lo mnyango uthi le mali isetshenziswe ngendlela efanele njengoba kuyiyo ekhokhele zonke izindleko zohambo.

Image

Uthi phakathi kwezinto ozikhokhele yimali yamabhanoyi, amathikithi, yizindawo zokuhlala, okwahlala kuzo uNgqongqoshe walo mnyango uMnu Gayton McKenzie, abasizi bakhe ababili, umqondisi-jikelele womnyango nezisebenzi eziwu-14.

Lo myango uthi nakuba ungakakuphothuli ukubala imali esetshenziswe ngumuntu ngamunye, kodwa unesiqiniseko sokuthi yonke imali isetshenziswe ngendlela efanele.

"Sifisa ukucacisa ukuthi akuwona wonke umuntu okhokhelwe wumbuso kulolu hambo. Enye yale mali beyiphuma kubaxhasi esisebenzisana nabo," kusho umnyango.


03


Image

Bathi kulindwe umbiko ogcwele ngosopolitiki okuthiwa ikomidi libathole bemsulwa

USIHLALO weKomidi lePhalamende lesikhashana ebeliphenya izinsolo zokugxambukela kosombusazwe emsebenzini wamaphoyisa, uMnu Soviet Lekganyane (osesithombeni esingenhla), uchitha izinsolo zokuthi leli komidi libathole bemsulwa osopolitiki nezinye izikhulu ebeliziphenya.

ULekganyane ubesho lokhu emuva kokungenami kwezakhamizi zakuleli namanye amaqembu ombusazwe, ngombiko wokuqala okhishwe yileli komidi ekuqaleni kwesonto.

Kuthiwa lo mbiko ukhiphe phambili uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe, uMnu Senzo Mchunu, nosomabhizinisi waseNorth West, uBrown Mokgosti.

ULekganyane uthi amaphaphu phansi ngoba umbiko ophumile kawuphelele.

"Asikafiki esiphethweni ngesikutholile kulolu phenyo. Sisazokhipha eminye imibiko ngesikutholile emasontweni amabili noma ngaphezulu, ezayo," esho.


                      04


Image

Inkantolo yaseWestern Cape, isasigodlile isinqumo esicelweni sikaRamaphosa 

INKANTOLO eNkulu yaseWestern Cape, isigodlile isinqumo sayo esicelweni sikaMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa (osesithombeni esingenhla), sokuba kumiswe ukusebenza kwekomidi lePhalamende eliphenya ngodaba oluthinta iPhala Phala.

Le nkantolo iveze lokhu ngoLwesine, kulandela ukulalelwa kwalesi sicelo izinsuku ezimbili zilandelana.

Ukufakwa kwalesi sicelo kuza ngemuva kokuba iNkantolo yoMthethosisekelo yanquma ukuba iPhalamende alihambisanga izinto ngendlela ngesikhathi linquma ngalolu daba ngo-2022.

Yaphakamisa ukuthi kwakumele kulandelwe umbiko wabaphenyi abazimele, owawuthi kumele umengameli aphendule ngokutholakala kwemali engamadola aseMelika epulazini lakhe iPhala Phala.

Lokhu kwaphoqa ukuba udaba lubuyiselwe ePhalamende. URamaphosa wathi uzowuphonsela inselelo umbiko wabaphenyi abazimele.

Wabe esefaka lesi sicelo enkantolo yaseWestern Cape, efuna kumiswe ukusebenza kwekomidi kuze kube kuphuma isinqumo sokuphonsela inselelo umbiko.