17 | Ezemidlalo
Friday, 17 April 2026
NGABADLALI beDowns. Kusukela kwesobunxele nguGrant Kekana, nguKeanu Cupido, nguTeboho Mokoena noRonwen Williams.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UBALISA ngokungabikhona kukazakwabo atholana kahle naye uKeanu Cupido, oyisitobha seMamelodi Sundowns ezogadulisana
ne-Esperance de Tunis yaseTunisia emlenzeni wesibili weSemi final yeCaf Champions League ngoMgqibelo ngo-15h00 eLoftus Stadium, ePitoli.
Emlenzeni wokuqala iDowns inqobe ngo-1-0 ngeledlule eTunisia.
Nokho igqemeke ingozi engeqiwa ntwala njengoba izokuya kulo mdlalo ngaphandle kukaGrant Kekana odonsa isigwebo sekhadi elibomvu, alithole emlenzeni wokuqala.
UCupido uthi balimele ngokungabikhona kukaKekana kulo mdlalo.
“Sishayeke kakhulu ngokungabikhona kukaGrant esitholana kahle naye emuva.
“Ukungabikhona kwakhe kuzosilimaza ngoba unesipiliyoni, usewudlale iminyaka lo mqhudelwano, nathi sisabukela kuyena.
"Kodwa-ke ngiyabathemba ozakwethu, ngikholwa wukuthi sinalo lonke uhlobo lwabadlali abangasiwinisa lo mdlalo,'' kusho uCupido.
NGUKEKANA weDowns ecishe egunda uFlorian Danho we-Esperance ngekhokho emlenzeni wokuqala wala makilabhu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Komunye umdlalo weCaf Champions League, iRS Berkane yaseMorocco izobhekana nomkhaya bayo, iFAR Rabat emlenzeni wesibili ozokuba kusasa ngoMgqibelo ngo-21h00.
Emlenzeni wokuqala iRabat inqobe ngo-2-0.
KweyeCaf Confederation Cup, iZamalek yase-Egypt izobhekana neCR Belouizdad yase-Algeria namuhla ngoLwesihlanu ngo-18h00 e-Egypt.
Emlenzeni wokuqala iZamalek inqobe ngo-1-0 ekuhambeni.
Kwenye i-semi final, i-Olympic Safi yaseMorocco, izobhekana ne-USM Alger yase-Algeria emlenzeni wesibili ngeSonto ngo-21h00.
Emlenzeni wokuqala la makilabhu abambane ngo-0-0.