14 | Izindaba
Friday, 17 April 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Silimale kanzima isalukazi, sishiswa nomuzi waso. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
KUSHE kanjena emzini wowesifazane obesolwa ngokuthakatha.
Ntokozo Sikhakhane:
Le nto yokuthakatha iyindida! Banabuphi ubufakazi bokuthi lo mama uyathakatha?
Kodwa-ke futhi uma ubuthakathi buke bakuphazamisa empilweni, uyayiqonda intukuthelo yabantu.
Abanye abantu bayasukelwa ngempela, kodwa futhi abanye impilo yabo imile, kayiyindawo because of ubuthakathi.
Thobeh Mceboh:
Lezi zangoma zisazonifaka enkingeni.🤞🤞🤞
Kuleyo ndawo nisazodlala ijele-ke ngoba ngalesi senzo kuyoboshwa abantu.🤞🤞
Aphiwe Nene:
Uthakathelani yena?
Nami ngake ngabuza umakhelwane ukuthi why amakati akhe agijime phezu kwendlu ekhaya ebusuku, engagijimi kuyena.
Okokuqala wasisongela, wathi uzosibulala sonke lapha ekhaya, uzovulela imvula.
Babhekile Akhona:
Yoooo nkosi yami akuve kunzima. Ngasekhaya bamshisa ugogo wabantu waba wumlotha, 😭😭 ehleli nomzukulu wakhe. Bamgenca ngobhushu ugogo, umzukulu wakwazi ukubaleka.
Mfazonempandla Gcwensa:
Koba kuhle uma benabo ubufakazi bokuthi uyathakatha, ngoba izodlala ifilimu kubenzi bobubi.
Deputy Maps:
Umona uzolibulala izwe.🤞
Siyabonga Duma:
Le nto yokusolana ngokuthakatha abake bayibhekise emaseleni, safa ngamasela.
Ntombi Zwane:
Bayasola, hhayi kanti ukuthi bambambe oqotsheni ethakatha? Mababoshwe.
Asavela Zizi Zizi:
Ungathola ukuthi akazi lutho ngokuthakatha!
Yilabo abathakathayo abasebenzisa isithunzi sakhe. Basele banemizi bona, omunye umntwana akazi uzolala kuphi.
Shayizandla Sbonge:
Le nto yobuthakathi angiboni kuyinto ekhona. Ngisho ngoba akuvezwa ukuthi umuntu ubanjwe kwabani ethakatha.
Skhumbuzo SakwaHlongwane:
Cabanga uthole kuthi kabanabufakazi, baqhathwa yilezi zangoma. Kunesifo esivame ukuphatha ogogo namakhehla uma sebegugile, esibenza bahambe ebusuku.
Angahamba ngisho ikhilomitha, kwenzeke azithole esengene kwamakhelwane. Into ebuhlungu wukuthi ingqondo isuke ingekho lapho, usuke edomorozile (dementia).
MaGumede Gumbi:
Inkinga uyambona umthakathi, kodwa uma sekuthiwa ngumzali wakho othakathayo, kuba buhlungu.
Mathasha Sengwayo:
Kwakungcono izwe lisabuswa ngamaBhunu ngoba abenzi bale nto bebezoshaywa, baboshwe, bagwetshwe.
Zindela Den:
Le migodoyi ehlale inomona nabanye abantu, iyofa kabuhlungu.
Mbotho Mbotho:
Kanti mhlawumbe sebake bamubamba nje, wukuthi abakanikwa ithuba basichazele, njengoba senimphikela.
Sbonelo Mkize:
Inzima kakhulu into ethinta ukuthakatha, ngoba kasikho isigaba somthetho engena kuso. Noma ungamvulela icala umuntu, ngeke usizakale ngoba kayikho emthethweni eyokuthakatha.
Victor Dube:
Baqale nini ukumbona ukuthi uyathakatha, ngoba ngicabanga ukuthi lo mama sebehlale naye iminyaka kuleya ndawo?
Buko Mchunu:
Yinkinga le nto yokunukwa kwabantu. Kokunye umuntu ophumelelayo nesizukulwane sakhe, uyasolwa.
Kokunye kube ngumuntu ozixakekele nkosi yami, obonayo nje ukuthi kwamuthi wokuloya angawuthenga ngani.
Msah Mkhwanazi:
Abufunwe ubufakazi bezinsolo zobuthakathi abebenazo, if behluleka ukubuveza, nabo beshiselwe imizi yabo.