02 | Izindaba

Friday, 17 April 2026

Ezifingqiwe


01


UNdunankulu uNtuli uthi kuzoqhuma isiswebhu ezisebenzini ezikhohlakele

Image

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli (osesithombeni esingenhla), uthi maluphothulwe ngokushesha uphenyo olwenziwa ngezisebenzi nezikhulu zikahulumeni wesifundazwe, eziphenywa ngenkohlakalo.

Ubekhuluma emhlanganweni wesigungu sikahulumeni wesifundazwe, ngoLwesithathu.

Uthe ngesikhathi engena ehhovisi, ethatha isikhundla sokuhola isifundazwe, wethembisa abantu baKwaZulu-Natal, nabaseNingizimu Afrika, ukuthi uhulumeni wakhe, ngeke ube nephunga lenkohlakalo nokungcola.

UMphemba, uthe olunye uphenyo ngenkohlakalo esolwayo ezikhulwini zikahulumeni, lwenziwa wuPhiko oluzimele, iSpecial Investigating Unit (SIU).


02


Isaqhubeka imizamo yokuhlenga iTongaat Hullett

UHULUMENI, nezinhlaka ezikhathazekile ngekusasa lenkampani ekhiqiza ushukela, iTongaat Hullett, baphikelele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesine, ngenhloso yokuvimba ukuvala ukusebenza kwale nkampani.

Izinkinga zemali kule nkampani, ziqale ukuqonga ngo-2022.

Abantu abazoshayeka uma igcina ivalwa, ngabasebenza khona, ngabatshali bakamoba, nokukhinyabezeka komnotho wesifundazwe.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha, KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, uthi ukuvalwa kweTongaat Hullett, kungaba nomthelela omubi, obuhlungu ngoba imboni kashukela, iletha u-R24 billion emnothweni wezwe.


03


Bathi luthela izithelo uhlelo lokulwa nesifo samatele

Image

UMNYANGO wezoLimo kuZwelonke, uthi luqhubeka kahle uhlelo lokujova izinkomo ukuthi zingabi nesifo samatele (foot and mouth disease).

Umnyango, uthi ziwu-2 million, izinkomo esezijoviwe selokhu lolu hlelo lwaqala KwaZulu-Natal, ngenyanga kaNhlolanja (February) kulo nyaka.

UNkz Joylen van Wyk, okhulumela lo mnyango kuzwelonke, uthi abafuyi bezinkomo zobisi, nezenyama, yibona abebehlalele ovalweni, ngoba uhwebo lwabo beluthikamezeka ngenxa yalesi sifo.

Isifo samatele kuthiwa simandla kakhulu ezindaweni eziseduze neziqiwu, iKwaZulu-Natal, iMpumalanga, neFree State.


04


Akayingeni eyokuhola iDA eKZN, uChris Pappas

Image

IMEYA yaseMngeni, eyisilomo kwiDemocratic Alliance (DA), uMnu Chris Pappas (osesithombeni esingenhla), ithi ngeke ibe nesikhathi sokuhola leli qembu njengoba inxenxwa ngabanye ezinkundleni zokuxhumana.

Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnu Francois Rodgers, usephumele obala, wathi usethi khumu ekuholeni leli qembu. IDA esifundazweni izoba nengqunqguthela yokukhetha ubuholi ngenyanga ezayo.

UMnu Sthembiso Ngema, oyikhansela kuMasipala weTheku, ungomunye wabaholi asebephumele eshashalazini, wathi uyalungenela ukhetho, esikhundleni sokuba ngumholi weDA, esifundazweni.

IPhini leMeya yaseMngeni, uMnu Sandile Mnikathi, likhankasela isikhundla sokuba yiphini lomholi.

               05

Image

UMbalula umemezele izinguquko ebuholini be-ANC

UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula (osesithombeni esingenhla), umemezele izinguquko ebuholini baleli qembu, obuhlanganisiwe (Provincila Task Team), ngoLwesithathu, ngemuva komhlangano oyisipesheli, obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ememezela lezi zinguquko uMbalula, uthe uMnu Mike Mabuyakhulu nguyena osezohola lesi sigungu
(Provincial Convener), uNkk Bongi Sithole-Moloi, iphini lokuqala likaMabuyakhulu, uMnu Siboniso Duma, iphini lesibili likaMabuyakhulu, uMnu James Nxumalo uzoba ngu-Coordinator, uMnu Siphile Mdaka uzoba yiphini likaNxumalo, noNkk Nomagugu Simelane, osazoqhubeka nokuba yiFundraiser.

UMbalula ubonge abagudluziwe, okunguMnu Jeff Radebe obeyiProvincial Convener, uNkk Weziwe Thusi obeyiphini likaRadebe, noNkk Nomusa Dube- Ncube, obeyiphini lika-Coordinator.

Uthi lesi sigungu esiphezulu, sizosebenzisana nobunye ubuholi obusazomenyezelwa, obuncishisiwe, futhi obuhlanganisa abantu abasha nabesifazane.

Bese kunesikhathi kunemibiko yokuthi ubuholi obuphezulu baleli qembu, kabeneme ngobuholi obuhlanganisiwe balesi sifundazwe.

menzi.jele@ilanganews.co.za