17 | Ezemidlalo
Friday, 18 September 2026
NGUPAPI Zothwane.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UFUNA ezakhe ziye ekhefini leFifa seziyibhekise phansi ikilabhu yakhe yakudala umqeqeshi weSekhukhune United, uPapi "Ginger" Zothwane.
ISekhukhune izovakashela iRichards Bay FC koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uZothwane ubesethimbeni labaqeqeshi beBay kula masizini amabili edlule.
Uhambe engavalelisanga kwiBay ekuqaleni kwesizini njengoba evumbuke kwiSekhukhune eseyoba ngumsizi womqeqeshi, uCedric Kaze.
UKaze ukhonjwe indlela, uZothwane wabe esebanjiswa lo msebenzi. Akakanqobi mdlalo selokhu eqhoqhobale lesi sikhundla.
NGUZOTHWANE noCedric Kaze.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthi ufuna ukuvula amawini akhe ngeqembu lakhe lakudala, ngaphambi kokuba kuvalelwe ikhefu leFifa.
"Ikilabhu kayikabi kuleli zinga esifuna ukuthi ibe kulona. Siyobhekana neRichards Bay ngaphambi kokuba siye ekhefini leFifa.
"Inhloso yethu wukuthi siye ekhefini sinqobe lo mdlalo weBay ngoba sifuna ukuthi leli khefu silisebenzise ukuyoqinisa amabhawodi axegayo," kusho uZothwane.
Imidlalo yeBetway Premiership isiyonke ngale mpelasonto, iqhathwe kanje:-
KUSASA NGOMGQIBELO
EPrincess Magogo Stadium: Richards Bay vs Sekhukhune United 15h00.
E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs AmaZulu 17h30.
EMbombela Stadium: Kruger United vs Stellenbosch 20h00.
NGESONTO
EMbombela Stadium: Golden Arrows vs Kaizer Chiefs 15h00.
ESugar Ray Xulu Stadium: Milford vs Durban City 15h00.
ERoyal Bafokeng Stadium: Marumo Gallants vs Orlando Pirates 15h00.
ESolomon Mahlangu Stadium: TS Galaxy vs Chippa United 17h30.