13 | Izindaba

Friday, 18 September 2026

Ishay' Izule:                                     Zandile Tembe
Image

IJetour 1 idlisa ngobuhle namandla adlula eyakwabo

... ifanele abathanda ukushayela ezindaweni ezingezinhle

UBUHLE namandla eJetour T2, kufiphaliswe ngobeJetour T1, ebonakala inokungcono, nokuthe xaxa.

Sekuwumlando ukuthi iJetour T2 - eyelanywa yiJetour T1 - ibe yiCar of the Year 2026.

Nakuba lezi zimoto zikhiqizwe ngesikhathi esifanayo, kodwa ziza nokwehluka okuhambelana nezidingo zomshayeli.

 I-Jetour T2 - ekhombisa ukuthakaselwa ngabaningi - ibonakala igxile kakhulu ekubhekaneni nomshayeli ozinze edolobheni, kanti iqoqekile yaba sandilinga ngokwakheka kwayo, okwenza imelane nohambo lwansukuzonke.

Ilungele nomndeni, nokuvakasha nje okujwayelekile ngempelasonto.
Sithole ithuba lokushayela iJetour T1 iDM, eshajwa ngeplaki kagesi ejwayelekile (plug-in) ehlanganise nophethiloli (hybrid).

Zombili lezi zimoto - iT1 neT2 - esesike sabhala ngayo - zethulwe eNingizimu Afrika ngo-April, emuva kokwethulwa kohlobo lwezikaphethiloli ngo-October, ngo-2025.

Image

I-Jetour T1 yona-ke idle ngokuba sabhokisi, futhi inesiqu esibukeka kahle, esizishoyo ukuthi singamelana nanoma yisiphi isimo somgwaqo, ikakhulukazi izintaba namagquma.

Ngaphezulu kwesiqu sayo, njengenjwayelo kulolu hlobo lwezimoto zaseChina, inobuchwepheshe obuphambili obunezinsiza zomshayeli ezisezingeni eliphezulu.

Njengemoto esayintsha emakethe yezimoto eNingimu Afrika, okwamanje iza nesethembiso kubashayeli, sokuthi ifanele labo abathanda ukushayela ezindaweni ezingezinhle, kodwa ibuye isebenze kahle etiyeleni.

I-Jetour T1 iyiSUV enganela abantu abawu-5, kanti ikhona ehamba ngophethiloli, kuhluke ngamamodeli.

Image

Idonsa ngamasondo angaphambili. Ngiyizwe yenza kangcono kune-T2, ngendlela ebambelela ngayo phansi, nendlela eshintsha ngayo amagiya njengomshini wayo ozishintshayo (automatic).

Uma isebenzisa u-petrol, ikwazi ukuhamba u-100km, okuthi uma usuhlanganisa nebanga elihamba ngo-petrol, ikunike u-1200km, inqobo nje uma uzoqikelela ukuyishaja ngokugcwele, ithangi lika-petrol liwu-70km.

 Ibiza kusukela ku- R689 900, kuye ngohlobo ozolukhetha.

Injini inewaranti yeminyaka ewu-7 noma u-1,000,000km, bese kuthi isevisi yona ibe ngeyeminyaka ewu-7 noma u-75 000km.

Image

I- T1 ihlanganise isitayela ongeke wasiziba, amandla amakhulu kanti ngeke ikuphoxe ezindaweni ezinamatshe, noma kade lina, njengoba nathi sizibonele ngesikhathi sihamba ngayo ezintabeni zoKhahlamba.

Ubuchwepheshe nokwakheka kwayo ngaphakathi, kungokwezinga eliphezulu ngenani elingaphansi kwalezi encintisana nazo.

Kuzoba kuwe-ke mshayeli ukuthi ukhetha yiphi njengoba kukhona iT1 1.5T Edge 7DCT ngo-R514 900, kube yi-T1 1.5 Aspire 7DCT R544 900, kube yi-T1 2.0 Xplora 7DCT 4WD ngo-R594 9000, ne T1 2.0T Odyssey 7DCT 4WD ngo-634 900.