07 | Izindaba

Frisay, 18 September 2026

Image

UShwi uxwayisa ngesifo esibucayi eNingizimu Afrika


Uthi ungene kulo mkhankaso ngoba efuna ukuxwayisa ikakhulukazi abashayeli bamatekisi nabaculi

Lucky Cain

IGCIZELELA ukubaluleka kokuhlolelwa isifo senhliziyo inkakha kamaskandi, uMandla 'Shwi' Xaba - wodumo lweqembu, uShwi noMtekhala - ojoyine umkhankaso obizwa ngeCheck My Beat, oqhutshwa yinhlangano iSouth African Heart Association.

Lo mculi uzokhipha ingoma azokhuthaza ngayo ukuhlolela lesi sifo athe simthinta kakhulu, kwazise kunabantu asondelene nabo esesike sabahlasela.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto ngokuba yingxenye yalo mkhankaso - ohambisana nokugubha inyanga yokufundisa ngalesi sifo - uthe kubalulekile ukuthi bonke abantu bahlale besazi isimo sabo, futhi basiqaphele lesi sifo ngoba singagadla noma nini.

"Ukungena kwami kulo mkhankaso (yingoba) ngifuna ukukhuthaza ikakhulukazi abashayeli bamatekisi, abahlale bematasa behla benyuka bedla noma yini, ukuthi bayinakekele imizimba yabo," kusho uShwi.

Uthe useke wawahambela amarenki amatekisi eGoli, ehambisana nayo le nhlangano ukuyokhuthaza abashayeli bamatekisi.

Uthe nozakwabo emculweni, ngeke abashiye ngaphandle, njengoba behlale besemgwaqweni bezungeza iNingizimu Afrika, bejabulisa abantu.

"Kumqoka ukuthi noma singasitholi isikhathi sokuzivocavoca kodwa sikwazi ukudla ngendlela efanele ezosenza sihlale siwumqemane," echaza.

Image

Uthe okuhle ngalesi sifo, wukuthi siyagwemeka ngendlela umuntu aphila ngayo, anakekela nomzimba wakhe.

Uqhube ngokuthi uzokhipha ingoma ezokhuluma ngalesi sifo.

“Yize singakayikhiphi ngokusemthethweni le ngoma, kodwa sizoqinisekisa ukuthi yonke indawo lapho ngihamba khona, ngiyayicula ngoba iyisifundo, futhi iyakha. Izotholakala kuzona zonke izinkundla zomculo," usho kanje.

Uthi kuyamjabulisa ukuthi umsebenzi abawukhiphe ngaphansi kukaShwi noMtekhala emasontweni amathathu adlule, wenza kahle kakhulu, abantu bayawuthokozela ngendlela eyisimanga.

Uthe nangasohlangothini lukaShwi Mantombazane, ukhona umsebenzi azowukhipha oyi-EP, ahlela ukuyikhipha ungakapheli lo nyaka.

UMandi Fine oyilungu leBhodi leSA Heart futhi ongumsunguli walo mkhankaso, uthe kulo nyaka ukugubha le nyanga ebalulekile yokuqwashisa ngesifo senhliziyo, bakhethe ukusebenzisa umculo ukukhumbuza abantu ngokubaluleka kokuzinakekela.

Uthe umculo ufinyelela kalula ezindlebeni zabantu futhi, baningi abazoqwashiseka ngalo mkhankaso.

Ngokolwazi olucashunwe kwi-website ye-African Journal of Primary Health, isifo senhliziyo sibalwa njengesinye esihamba phambili eNingizimu Africa, cishe bafinyelela ku-18% abantu ababulawa yilesi sifo njalo ngonyaka.

Le website iveza ukuthi cishe bawu-215 kuya ku-225 abantu baseNingizimu Afrika ababulawa yilesi sifo nsukuzonke.