05 | Izindaba

Friday, 18 September 2026

Image

YITHIMBA labameli nezisebenzi, abasebenza ngokuzikhandla kwiKhomishini kaMadlanga (ophakathi nendawo ofake izibuko).

Kushayelwe ihlombe iKhomishini kaMadlanga eqeda unyaka yasungulwa

Inconywa ngokuthela izithelo ezibonakalayo, njengoba kumiswe, kwaxoshwa abathile, abanye baboshwa

Thandoluhle Ngubo

KUSHAYELWE ihlombe iKhomishini kaMadlanga ngomsebenzi wayo,  wokuphenya izinsolo zokugxambukela kosombusazwe emsebenzini wamaphoyisa, njengoba ngoLwesine ibiqeda unyaka yasungulwa.

Le khomishini eholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga, ngokubambisana nabameli asebemnkantshu- bomvu, u-Adv Sandile Khumalo SC, no-Adv Sesi Baloyi Sc, yasungulwa nguMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, ngemuva kwezinsolo ezashaqisa izwe, ezavezwa nguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uJenene uNhlanhla Mkhwanazi (
osesithombeni esingezansi).

Image

Ngesikhathi kusungulwa le khomishini, kwakukuningi ukungenami ezakhamizini zakuleli nakwamanye amaqembu ezombusazwe.

Ababengeneme babethi lokhu bakususela ekutheni amakhomishini aseke aba khona phambilini, kawazithelanga izithelo.

Ngesikhathi iqhubeka le khomishini, kushintshe indlela izakhamizi ebezibuka ngayo amakhomi- shini, njengoba iqale ukuthela izithelo ingakaphothulwa.

Sekumiswe inqwaba, abanye baxoshwa beyanyaniswa nenkohlakalo

Njengamanje sekufakaze ofakazi abawu-110, okuhlanganise osopolitiki, osomabhizinisi, yizikhulu zamaphoyisa ngokwehlukana kwezigaba zawo, yizikhulu zojele, yizikhulu zomasipala, yizikhulu zophiko lwezokushushisa nabaningi.

Kusuka ngonyaka odlule, umsebenzi wale khomishini uholele ekuboshweni kwabasolwa abayanyaniswa nenkohlakalo.

Phakathi kwabo kubalwa usomabhizinisi waseGoli, uVusimuzi "Cat" Matlala, usomabhizinisi uKatiso Molefe, wusomabhizinisi waseNorth West uBrown Mokgotsi, yiphoyisa uSayitsheni Fannie Nkosi, yisikhulu samaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni uJulius Mkhwanazi nabanye.

Kuphinde kwamiswa inqwaba yamaphoyisa, amanye axoshwa.

Image

NGUMKHUZI wamaPhoyisa uFannie Masemola, noyiNhloko yoPhiko lwezobuNhloli, uDumisani Khumalo, okuhoxiswe amacala abo. 

Phakathi kwawo, kubalwa iSekela loMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uJenene Shadrack Sibiya.

Kuphinde kwavela okushaqisayo ngesikhathi kufakaza abameli abangaphansi kophiko lwe-NPA, oluphenya amacala enkohlakalo i-IDAC, njengoba kuvele ukuthi lolu hlaka luyawapheka amanye amacala.

Kuhoxiswe amanye amacala,  okutholakale ukuthi abephekwa

Lokhu kuholele ekutheni kuhoxiswe amacala abebekwe amaphoyisa ayisithupha, okubalwa kuwo lowo oyiNhloko yoPhiko lwezobuNhloli uJenene Dumisani Khumalo, nalelo ebelibhekene noMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uJenene Fannie Masemola.

Okhulumela le khomishini, uMnu Jeremy Michaels, uthi buningi ubunzima le khomishini edlule kubona. Ubalule ukubulawa kukafakazi uMarius van der Merwe, owayinguWitness D. Ushayele inhlombe ubuhlakani babaqoke ukuzofakaza kule khomishini.

"Le khomishini ibuyise ithemba kwabaningi ngoba sithola inqwaba yezingcingo nama-email. Ikhomishini izoqhubeka nokwenza umsebenzi wayo ngale kokwesaba nokwenzelela," esho.