17 | Ezemidlalo
Friday, 16 October 2026
Senzo Sokhela
EseFourways, eGoli
INEZINHLOSO ezinkulu ngeCaf Confederation Cup iKaizer Chiefs eqhathwe neRed Arrows yaseZambia, emlenzeni wokuqala wokuhlunga walo mqhudelwano ozokuba ngoMgqibelo ngo-15h00 ekuhambeni.
IChiefs iya kulo mdlalo nje, isiyazi ukuthi izotholana nobani kwiLast 16 yeCarling Knockout, njengoba itonyulwe neTS Galaxy ekhaya emcimbini obungoLwesithathu ebusuku eLanghams Lifestyle Estates, eFourways, eGoli.
UFernando Da Cruz waseFrance ongumlolongi weChiefs, uthi umdlalo omqoka kubona njengamanje, yilona weRed Arrows.
"Sinemidlalo eminingi esisazobhekana nayo kule nyanga ngaphambi kokugijima lo weCarling. Sizimisele ngokwenza kahle kulo mqhudelwano weCaf.
"Lokhu sifuna ukukutshengisa ngalo mdlalo, sifuna ukufika eZambia siwine.
"Bayiqembu elihle kakhulu futhi elinabadlali abahle, ngikholwa wukuthi bazosinika umdlalo omnandi," kusho uDa Cruz.
Ebuzwa ukuthi usenjani njengoba eke waxinwa wukugula emdlalweni weStellenbosch FC ngoLwesibili ophele kungu-1-1 ngaphansi kweBetway Premiership njengoba ebephalaza, uthe esewumqemane.