12| Izindaba
Friday, 16 October 2026
Emathunjini yindawo evundile, ethandwa yizinhlobonhlobo zezikelemu
Ezempilo: noMthokozisi Dlomo
UMCABANGO wokuthi ungumuntu uphila kube nezilwanyana eziphila ngaphakathi emzimbeni wakho, eziphila ngokudla okufakayo, noma zidle wena uqobo, kuhlasimulisa umzimba.
Kodwa-ke yindlela umzimba womuntu odalwe ngayo.
Emathunjini yindawo evunde kakhulu, ethandwa yizinhlobonhlobo zezikelemu, okwenza kubemqoka ukuhlalahlala usebenzise okokuzikhipha, noma udle ukudla okufana nezinhlamvu zethanga nezikapopo (esithombeni esingezansi), ugalikha, ukherothi oluhlaza nokhokhonathi.
LEZI zikelemu yizilwane eziphila emzimbeni womuntu.
Amaqanda ezikelemu atholakala cishe kuyona yonke indawo engcolile, kanti angangena emzimbeni ngomlomo, noma amuncwe yisikhumba.
Izingane ezisencane yizona ezisengcupheni enkulu yokuba nezikelemu ngoba zidlala ngezinto ezingcolile, futhi konke ezikuthinta ngezandla zikuyisa emlonyeni.
Ukukhipha izikelemu kumqoka ukuze siphile kahle, yonke imisoco etholwa wumzimba isebenze ngendlela efanele.
KUBALULEKILE ukukhipha abantwana izikelemu.
* I-pinworm - evame kakhulu ezinganeni, futhi engadala ukuluma embotsheni yangemuva, ikakhulukazi ebusuku.
* I-roundworm - ingakhula ibe nkulu, idale ubuhlungu esiswini noma iphazamise ukuhamba kokudla emathunjini.
* I-hookworm - inamathela emathunjini bese idla igazi, okungagcina kudala ukushoda
kwe-iron nama-red blood cells.
*I-whipworm - ingadala uhudo nesisu esijuqayo.
*I-tapeworm - itholakala enyameni yengulube, futhi kayivamisile ukudala izinkinga ngoba idla okusemathunjini.
Ukuba nezikelemu eziningi esiswini kungadala izinkinga ezinjengokungondleki kahle komzimba (ikakhulu ezinganeni), ngoba zidla yona le misoco okumele ngabe yondla umzimba.
Kokunye zingadala isifo i-anemia ngokudla ama-red blood cells, okuyiwona ahambisa i-oxygen kuzona zonke izingxenye zomzimba, aphinde akhiphe umoya ongcolile.
Emzimbeni onezikelemu ezidlulele, zigcina ziphazamisa ukuhamba kwezinto emathunjini.
Amaqanda ezikelemu angahamba negazi afinyelele ezithweni ezehlukene zomzimba njengasemaphashini nasebuchosheni, adale i-inflamation.
Ngokusho kwenhlangano ebhekelela ezempilo emhlabeni, iWorld Health Organization, umzimba womuntu kufanele ufakwe okokukhipha izikelemu okungenani kabili ngonyaka.
Imishanguzo yokukhipha izikelemu enjengeVermox, iCipex neWormstop ibulala izikelemu, hhayi amaqanda azo. Ongoti baphakamisa ukuthi uma kukhishwa izikelemu, kwenziwe umndeni wonke ngoba ezinye zazo ziyathelelana.
Nazi izimpawu zezikelemu
- Ubuhlungu obungabekezeleleki esiswini, wukuqunjelwa nokusuza njalo.
- Ukwehla emzimbeni nokungakuthandi ukudla.
- Ukukhishwa yisisu (kwezinye isikhathi kuphume into enegazi)
- Ukuqubuka esikhunjeni nempeshwane.
- Ukuhlale uzizwa ukhathele noma uphelelwa amandla nokuphasha kwesikhumba (anemia).
- Ukubona izikelemu endleni.
Sheshe usukume uma ubona izimpawu
Uma usuze waqala ukubona lezi zimpawu ezingenhla, kuthiwa usuke uphuzile ukusebenzisa okokukhipha izikelemu, kusuke sekuphoqa ukuthi ubonane nodokotela ukuze kutholakale indlela efanele yokwelapha inkinga yakho.
Emakhemisi iyatholakala imithi namaphilisi okukhipha izikelemu, kodwa uma isimo sakho sesisibi kakhulu, kungadingeka nokuthi uhlinzwe.
Nezilwane ziyaba nenkinga yezikelemu, yingakho nazo kumele zivame ukuphuziswa okokukhipha.
Imithombo esetshenzisiwe: yiWorld Health Organization, neCleveland Clinic.